Libuyela kusasa elikaMangena

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UZOPHINDELA kusasa eNkantolo yeMantshi yaseRandfontein owayengumdlali weKaizer Chiefs, uMike Mangena oboshwe ngecala lezidakamizwa ezitholakale endaweni yakhe.

UMangena nabanye abathathu basagcinwe esitokisini ngaleli cala. Bebevele enkantolo ngoLwesihlanu, icala lahlehliselwa uMsombuluko (kusasa) ukuze baqhubeke nesicelo sebheyili.

Babhekene necala lokukhiqiza izidakamizwa ngemuva kokutholakala kwemishini ezikhiqizayo endaweni kaMangena.

UMangena ugcinwe esiteshini samaphoyisa eRandfontein. Aboshwe nabo ngoMnuz Morena Maqoaelane, William Kazipota noKennedy Tsogalane bagcinwe esitokisini sasejele laseRandfontein.

Ummeli kaMangena, uMnuz Frans Mashele ucele ukuthi agcinwe esitokisini sasesiteshini samaphoyisa ngenhloso yokuthi athole kalula imishanguzo yakhe ngenxa yesimo sempilo yakhe.

Okhulumela oKlebe uNdivhuwo Mulamu ukuqinisekisile ukuthi uMangena uzogcinwa esitokisini sasemaphoyiseni.

Uthe kunezizathu ezethulwe kubona ezithinta impilo kaMangena abangaziphikisanga.

Uthe noma bekwamukele lokho kodwa ngeke bakudalule okushiwo ngempilo kaMangena.

UMangena uboshwe ngoLwesine ngemuva kokuba kutholakale imishini yokukhiqiza izidakamiza endaweni yakhe eHillside.

Kuthiwa kutholakale neloli elinekhemikhali ewuketshezi esazohlolwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.