Ibophele isihlabani ifilimu yama-blesser

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

ABANTU abafuna ukwazi kabanzi ngempilo yabantu ababizwa ngama-blesser, abadume ngokuyenga abesifazane ngemali nezinto ezinhle, bazobhema bakholwe emuva kokubuka ifilimu esungulwe uThabo “Tbo Touch” Molefe.

UTbo Touch uyaziwa ngokuba usomabhizinisi ongumsakazi. Le filimu kaTbo Touch kulindeleke ukuthi iqale ukubonakala ema-cinema ngo-Ephreli ngonyaka ozayo.

Ama-blesser ezinsukwini zanamuhla kukhalwa ngawo, athe chithi saka ayenga intsha aze ayiphazamise nasemaphusheni ayo ngoba yiyona esheshe ithatheke.

Kule filimu kudlala phambili ingwazi kwezokulimgisa uKenneth Nkosi, odlala indawo kasomabhizinisi ongumaliyavuza uJacob Molefe ozifela nangezintombi.

Le mpunyela kulo mdlalo ishade noMichelle Mofokeng okuyindawo edlalwa wolunye ugalagala uSonia Sedibe. Le mpunyela izithola inesizungu emshadweni wayo ize iqhamuke neqhinga lokuqeda isizungu kanti iqala inkinga.

Ithimba elisebenza kule filimu selivele liqalile umshikashika wokulingisa.

KUFOLOSWE ngoKenneth Nkosi efilimini ekhuluma ngamablesser ezodlala ngonyaka ozayo Isithombe : FACEBOOK/KENNETH NKOSI OFFICIAL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.