Abegqom’ ne-hip hop kweyeDurban Jazz eHazelmere Dam

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

ABATHANDI bomculo wegqom ne-hip hop ngeke basale ngaphandle kwiDurban Jazz Festival ezoba seHazelmere Dam ngoDisemba 26, kulo nyaka njengoba kuzoba netende laseYadini Lounge khona.

Lokhu kuqinisekiswe uMdu Ngcobo ongomunye wabahleli balo mcimbi okuzoba ngoka-16 kulo nyaka. Uthe inhloso ukuwenza uhluke kuneminye iminyaka ngokuba netende laseYadini Lounge elizogxila emculweni wegqom nowe-hip hop.

“Sifuna abantu bazikhethele umculo abawuthandayo uma bekwiDurban Jazz Festival. Kuzoba nesteji se-jazz esijwayele ukuba khona minyaka yonke, bese kuba nesesibili esizobe sisetendeni laseYadini Lounge,” kusho uMdu Ngcobo.

Uthe namathikithi okuya kulezi ziteji azodayisa ngokwahlukana. Ajwayelekile esteji se-jazz, uthe azobiza uR295 kuthi aweGolden Circle abe nguR450. Awesteji saseYadini uthe azobiza u-R465. Awezicukuthwane ze-jazz uthe asazomenyezelwa ukuthi abiza malini. UNgcobo uthe abaculi abazonandisa kwi-jazz, uzobadalula bonke esithangamini sabezindaba esizoba ngoDisemba 3 kodwa wakuqinisekisa ukuthi uZonke, uVusi Nova ne-Afrotraction bazobe bekhona.

Umphathi waseYadini Lounge, uJabulani “Mjey” Zama, uthe uhlu oluphelele lwabaculi abazonandisa estejini saseYadini luzodedelwa ngoMsombuluko (kusasa).

“Yize bebaningi abaculi asebeqinisekisiwe ukuthi bazonandisa kulo mcimbi kodwa ngibona kungcono ukuthi uhlu lwabo siludedele sebebonke. Ngibalekela ukuthi kungabi sengathi kukhona abangabalwa bebe bekhona. Amathikithi azoqala ukudayiswa ngoLwesibili, sisazobazisa abantu ukuthi azotholakala kuphi,” kusho uMjey.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.