Usinde ehlaselwa umrepha

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

USINDE ngokulambisa umrepha, uPusha T ehlaselwa esesteji enandisa eDanforth Music Hall Toronto eCanada phakathi nesonto.

Okwenzeke kuPusha T wodumo lwengoma ethi Trouble On My Mind, kuqoshwe ngabanye babantu abebethamele ikhonsathi yakhe maqede bayisabalalisa.

Kuthiwa ngesikhathi ematasa ecula uPusha T, kube nomuntu obesezihlweleni ovele waphonsa ibhodlela ebelinokusamanzi waliqondisa kulo mrepha. Ngesikhathi kusanakwe lokho, lo mlisa udlubulundele waqonda kulo mrepha wazama ukumfikisa ngamankomane. Kungenele ithimba lonogada eliqaphe uPusha T lamphephisa.

Kube sekuqubuka impi phakathi konogada nezinye zezithameli okubonakale sengathi zihambisana nomlisa obefuna ukushaya uPusha T.

Impi ize yema sekufike amaphoyisa endawo agcine ngokuthi amise ikhonsathi unomphela. Nakuba kungalimalanga muntu kodwa uPusha T uthe bakhona abasolayo ngokwenzekile.

Kuthiwa uthe usola imbangi yakhe yakudala edabuka khona eToronto uDrake.

Yize esho kanje uPusha T kodwa ekuqaleni kwalo nyaka kuke kwaba nemibiko yokuthelelana amanzi noDrake. – Billboard

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.