UNodada uncoma ukaputeni wakhe

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - RODNEY REINERS

INJINI yeCape Town City, uThabo Nodada, ihlabeke umxhwele yindlela ukaputeni wakhe uThamsanqa Mkhize, adlale ngayo kwiBafana Bafana, kade ibhekene neNigeria neParaguay.

Kuyo yomibili imidlalo iBafana edlala ngokulingana kuyo uMkhize ukhombise okukhulu ukuvuthwa.

UMkhize ubukeka eyikhubalo elihle kwiCity njengoba ngaso sonke isikhathi nguyena ohamba phambili ekwenzeni izinto kuleli qembu nokumenza abe yisibonelo esihle kwabanye ozakwabo.

UMkhize, odabuka eCato Ridge, KwaZulu-Natal, nohlale njalo edlala ngokuzimisela, akungatshazwa ukuthi uzoqhubeka lapho egcine khona uma esedlalela iqembu lakhe emidlalweni yeLigi.

“UThami (Mkhize) ngaso sonke isikhathi uhlale eyinsika. Ngicabanga ukuthi ukwazile ukulekelela ngendlela okuyiyona ozakwabo abadlala emuva phakathi nendawo.

“Ngaphezu kwalokho ubephinde engeze isibalo sabadlali phambili uma kuhlaselwa. Kuzona zonke leziqubu ubeke athole amathuba amahle okubuza kunozinti.

“Indlela adlale ngayo ibigqugquzela noma ubani obembuka,” kusho uNodada obesesikwatini seBafana emlenzi emibili edlala kuyo neSeychelle ngenyanga edlule.

Ukudlala ngokulingana neNigeria ngempelasonto edlule kuchaza ukuthi iBafana idinga iphuzu emdlalweni wokugcina wokuziphendlela indawo kweyamanqamu e-2019 Africa Cup of Nations, eCameroon.

Umdlalo wokugcina weNingizimu Afrika izowudlala neLibya ekuhambeni ngoMashi wonyaka ozayo.

Ngesikhathi kukhona ukwesaba ezweni lonke ngesimo iBafana ekusona uNodada, yena usalokhu enethemba lokuthi, iqembu lesizwe lizokwazi ukuwela ngelibanzi.

“Kufanele baqhubeke nokwenza njengoba benzile,” kusho uNodada.

“Angicabangi ukuthi kudingeka kube nezinguquko ezinqala.

“Kufanele sidlalele ukunqoba kuphela, kodwa uma kuphoqa kufanele sidlalele iphuzu.”

Ama-Citizen asezingeni elihle njengamanje, kulandela impumelelo yayo, beshaya AmaZulu ngo 3-0 neBlack Leopards ngo 3-1.

Ngokuma kwesimo seLog ye-Absa Premiership kubukeka kuyi-Orlando Pirates neBidvest Wits, okuyibona abakhombisa ukuthi bafuna ukuhamba nayo, njengoba sebeqoqe amaphuzu awu-23 nawu 20 ngokwahlukana,ekubeni iPolokwane neCity belandelana endaweni yesikhombisa nesishiyagalombili ngamaphuzu awu-18 no-13 ngokulandelana. AmaCitizen akuqonda kahle ukuthi kuzokwenyukela njengoba bezovakashela iPolokwane ekhombisa ukuba salukhuni satshe, ngale sizini.

Lo mdlalo wabo uzodlalelwa e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili ngo 7.30 ebusuku.

“Lona ngumdlalo ozokubanzima njengoba sizowudlalela ekuhambeni ozodinga ukuthi yonke into siyenze ngokucophelela nokuqwasha ngaso sonke isikhathi,” kusho uNodada.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.