Bahlezi phezu kwegama lozophatha kwiKZNA

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE

I-ATHLETIC South

Africa (ASA) ayiphumeli obala ngegama lomuntu oseqokiwe ekutheni aphathe izindaba zeKwaZulu

Natal Athletics

(KZNA) ngemuva kokuthi kumiswe amalungu esigungu sayo ngokwehlukana. Ukuqokwa kwalomuntu kulandela incwadi yangoNovemba 16, lapho i-ASA yayazisa amalungu esigungu ngokumiswa kwawo ezindabeni ezithinta iKZNA.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba le nhlangano iveza ukuthi umuntu ozophatha izindaba zeKZNA useqokiwe kodwa igama lakhe lizodalulwa ekuhambeni kwesikhathi.

Ethintwa ngokungaphumeli obala kwe-ASA ngegama lomuntu ozophatha uSifiso Cele, obhekene nomkhakha wokusakazwa kwezindaba zale nhlangano uthe naye usadukuza oswini ngaye.

“Kukhona abasafuna ukukuqondisa naye ngaphambi kokuthi bamethule,” kuchaza uCele.

I-ASA iqinisekisa ukumiswa kwamalungu esigungu seKZNA nje, ngoLwesine ibisenkantolo enkulu yaseThekwini lapho ibizozivikela ecaleni ebelifakwe amalungu amisiwe kodwa abuye ashaya ungqimphothwe alihoxisa ngemizuzu yokugcina.

Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto okubangele ukuthi amalungu esigungu esiholwa ngumengameli waso uSello Mokoena, aluhoxise wukuthi abengasakwazi ukufaka icala esazibiza ngeKZNA ngoba ngesikhathi bemiswa izincwadi zathunyelelwa ilungu ngalinye.

Kuthiwa amanye amalungu athi angazithola izincwadi awangalokhu ebamba eyeka, azemukela njengoba zinjalo.

Leli cala belilandela isinqumo esathathwa emhlanganweni womkhandlu we-ASA owawu ngo-Okthoba 13 eGoli, yizifunda eziwu

16. Kwabikwa ukuthi kulo mhlangano iKZNA ayizange ibe yingxenye yawo.

Umkhandlu wayalela isigungu se-ASA ukuthi sithumelele iKZNA incwadi yokubamisa .

UCele uthe bebengeke bazibeke izizathu ngoba akubona abahoxise icala kodwa iKZNA.

Noma isimo singesihle kwiKZNA kodwa isitatimende se-ASA sithi abasebenzi bale nhlangano ngeke bathinteke yisinqumo sokumiswa kwamalungu esigungu.

UGoodman Cele, oyimenenja jikelele, ehhovisi leKZNA uthe ngeke aphawule ngezinto ezisenkantolo ngaphandle kukamengameli weKZNA, uMokoena ngokunjalo nowe-ASA, u-Aleck Skhosana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.