UShonga ushayele isipikili sokugcina kwiChiefs

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE Kaizer Chiefs 1, Orlando Pirates 2

BAYALELWE ukuba bawawashe, bawatashe, bawafake uzamlandela bese bewapakishela unyaka ozayo amajezi abo abalandeli beKaizer Chiefs eguqe ngomunye u 2-1 kwi-Orlando Pirates kwi-semi final yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama.

Umyalelo wokupakisha ijezi uvele kwabePirates bebhekise kwabeChiefs abebengcofana nabo sakuncokola ungakaqali ngisho ukuqala umdlalo.

Amagoli ePirates abaselwe nguThembinkosi Lorch ngomzuzu ka-13 noJustin Shonga ngoka-85. Elokubika leChiefs lifohliswe nguLeonardo Castro ngomzuzu ka-18.

ULorch uvalele ingcwenga yegoli ngemuva kokuthola umbuso wephasi uvela kuVincent Pule ohlabane ngokuboza kweChiefs wanqamula nalo njalo.

Ubengeke enze lutho uKhune ukuvimba ibhola likaLorch, oqhubeke lapho agcina khona evalela amagoli amabili la maqembu egcina ukuhlangana emdlalweni weligi ngo-Okthoba 27.

Zijikile izinto uCastro esevalela igoli leChiefs, elichwazise inkundla kwacaca ukuthi baningi abese bephoxekile. Kunokuthi igoli likaCastro linikeze iChiefs umdlandla, kubukeke livula umkhokha ohlangothini lweChiefs.

Lingene laphindelela izulu esibayeni seChiefs bephekwa nguPule, Lorch noShonga kodwa kwale igoli ekugcineni.

Empeleni indlela obekwenzeka ngayo, kubathathe isigamu sesiwombe sokuqala abalandeli beChiefs ukuthi bamcele ngaphandle uMario “Mnyango Wase-mall” Booysen.

Lokho kukhombe ukuthi uBooysen usazonuka iqaqa kubalandeli beChiefs. Nangesiwombe ssesibili kukhona la eke washweba khona ekhahlelela ipali, yazwakala nje inhlokomo ukuthi abalandeli bayacikeka.

Nokho uphikwe yinhlanhla ukugeza igama lakhe ethi ungqofela iChiefs igoli lokulinganisa ngamanenjana okugcina omdlalo.

Ngomzuzu ka-61 uPule ukhombisile ukuthi kungani engaconsi phansi kubalandeli beZimnyama.

Namuhla ngo-3 ntambama ePeter Mokaba Stadium, iBaroka izobhekana neBidvest Wits emdlalweni okuzophuma kuwo ozodlala nePirates kowamanqamu oseBhayi ngoDisemba 8.

NgoLwesibili eBhayi iChiefs izogadulisana neZimamoto yaseZanzibar emdlalweni weCAF Confederation Cup,

IPirates izodudulana neLight Stars yaseSychelles kwiCAF Champions League.

Khonamanjalo, izolo iBanyana Banyana yedlulele kumasemi final e-Africa Women Cup of Nations ibambana neZambia ngo 1-1.

Uma iBanyana inqoba iyobe isizibekisele okokuqala ngqa indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.