Ingxabano phakathi komsiki wengqephu nomdansi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

SEBEPHENDUKE inkukhu nempaka umsiki wengqephu nomdansi waseThekwini, abebengamathe nolimi. Baxabane ngemuva kombango wesudi okuthiwa usudonse unyaka wonke.

Umsiki wengqephu othungela iqembu lomculo laseThekwini, i-Afrosoul, uThami Ngidi, kuthiwa ukweleta umdansi odumile kuleli dolobha, uSiyanda Mwandla imali yesudi amthungela yona ayezoyigqoka ngomcimbi wamaSABC Crown Gospel Music Awards ngonyaka odlule.

Kuthiwa kuze kube yimanje uSiyanda akakayitholi imali yakhe njengoba sekuphele unyaka.

UThami kunezinsolo zokuthi usanda kuphahlazwa ngebhodlela uSiyanda owayeyifuna la imali yakhe.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uThami uvumile ukuthi kukhona umuntu owamshaya ngento ethile ekhanda waquleka ngesikhathi esendaweni yokudla.

Uziphikile izinsolo zokuthi washaywa uSiyanda, wathi akabonanga ukuthi ngubani njengoba aquleka waphaphama esibhedlela esethungiwe ekhanda.

Uvumile ukuthi ikhona ingxabano ephakathi kwakhe noSiyanda, isuka embangweni wesudi.

“USiyanda besingabangani naye. Ngonyaka odlule wacela ukuthi ngimthungele isudi azoyigqoka kumaCrown Awards.

“Ngamthungela isudi kodwa ngosuku ayezoyilanda ngalo wafika emuva kwesikhathi esasivumelene ngaso, sekunezinto afuna zilungiswe.

“Wacela ukuthi ngimehlisele nganqaba. Wangiduba wathi ufuna ngimbuyisele imali yakhe uR3200 we-deposit ayesewukhokhile.

“Ngathi ngeke ngikwazi ukumbuyisela ngoba sengichithe isikhathi sami ngithunga le sudi, ngangena ezindlekweni,” kusho uThami.

Uthe wagcina evume ukuthi uzombuyisela ingxenye yemali uma isudi eseyidayisile. Uveze ukuthi kuze kube yimanje le sudi isaduvile, akekho owayithenga, ngakho akakambuyiseli uSiyanda imali yakhe.

USiyanda uthe uzwile ngezinsolo ezithi washaya uThami ngebhodlela kodwa ngosuku alimala ngalo uThami, yena wayeseMthatha ehambe nomngani wakhe.

Uvumile ukuthi kunombango wesudi kodwa useze waxolisa inhliziyo ngoba kuyacaca ukuthi imali yakhe akasophinde ayithole.

Unqabile ukuchaza ngalo mbango, wathi akathandi ukuphawula ngezindaba zakhe emaphepheni.

UMSIKI wengqephu uThami Ngidi osembangweni wesudi nomdansi waseThekwini uSiyanda Mwandla Isithombe: SITHUNYELWE

UMDANSI waseThekwini uSiyanda Mwandla uveze ukuthi useze wayiduba imali yesudi ayithungelwa uThami Ngidi Isithombe: TWITTER/ CEYANDAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.