Kuthiwa inxeba lendoda kalihlekwa, ewu yobe Lerato Chabangu ngabahlekisa ngelakho bo

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

KUNABANTU abashaya umuntu ngisho eselele phansi. Lo muntu oshuthe uLerato Chabangu, owayengumdlali webhola wafaka isithombe sakhe kuFacebook esekhathele, akahlukene nomuntu okufica ugxotshwe yitshe, afike abeke elinye ngaphezulu.

Eyi kunzima emhlabeni madoda, uLerato lo osewabanje. Ungathi useliphosile ithawula ukuthi kukhona okuyoke kumlungele empilweni.

Ngiyacabanga ezikoleni nasemakhaya sekuthuswa ngaye izingane ezingalaleli. Kuthiwa uma ningalaleli nizoba nje, besho bekhomba isithombe sikaLerato esagijima kwiSundowns nangesikhathi esephuphile.

UNDLEBE

Comments

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.