Uhlaba ukudayisana kwabalingisi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

bashaye phansi ngonyawo babe munye bamise yonke into, akangabazi ukuthi ingawa bhu imboni ngoba banawo amandla. Uthe ingxoxo mayelana nosizi oluthwelwe abalingisi bakuleli ayiqali ukukhulunywa kodwa sekufanele bacabe indlela eya phambili ngalolu daba olubalulekile.

Le nkulumo ka-Ayanda isuswe yifilimu okuvulwe ngayo iKAFF iFive Fingers For Marseilles ebophele inqwaba yabalingisi abanegama abamnyama.

Yize inabalingisi abamnyama kuvele ukuthi munye kuphela umuntu omnyama osebenza ngemuva kuyona njengoba kugcwele abelungu.

Lo muntu omnyama uDuma Gumbi naye obekhona okuqinisekisile ukuthi imboni isaphethwe abamhlophe. Bekukhalwa ngokuthi ukugcwala kwabelungu ngemuva kuyona kwenze yangapenda isithombe esihle ngabantu abamnyama njengoba kuyona balwela umhlaba kodwa bagcine sebebulelene bodwa sebewutholile.

UMqondisi wesikhungo iK-Cap, u-Edmund Mhlongo, uveze ukukhathazeka ngesibalo esiphansi sabantu abahambela amabhayisikobho, wathi kuyihlazo.

“Abantu abangaphezu kuka-50 million bakuleli kodwa bangu-4 million kuphela abaya ema-cinema futhi iningi labo abantu abamhlophe. Kuyinto ekhathazayo kakhulu edinga ukulungiswa,’’ kusho uMhlongo. Uthe sebekwazile ukusabalalisa izikhungo zezobuciko nasezindaweni zasemakhaya nokuyinto ezoba wusizo kakhulu.

Ngaphandle kwalokho iKAFF ibe sezingeni elicokeme njengoba ibihanjelwe amalungu omphakathi nosaziwayo bethelevishini.

Phakathi kwamafilimu akhonjiswe kuyona kukhona iMandela 100 Docie, Tokoloshe, Isifungo, Inkilayitheka, Baby Mamas namanye.

Ivalwa namuhla ngefilimu iMay Fair ezokhonjiswa ngo-6 ntambama.

Kulo mbukiso bekungakhonjiswa amafilimu kuphela kodwa bekunezinkundla zokucobelela ngolwazi lokulingisa ezindaweni ezahlukene okuyiKwaMaphumulo, Ndwedwe, Uphongolo nasoLundi. Abebecobelela abantu ngolwazi kulezi zindawo abalingisi bemidlalo yeshashalazi neyethelevishini oLihle Dhlomo owayekwifilimu iBetween Friends, Samukele Mkhize onguMabuyi kwiSibaya, Siphesihle Cele woZalo, Sthandiwe Kgoroge nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.