Abe-automatic abakwazi ukushayela

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

MHLELI: Ngithi angibeke uvo lwami angazi noma ngishaya eceleni yini. Ngithanda ukudlulisa ukukhathazeka kwami emuva kokuboleka imoto isihlobo esesineminyaka eyishumi sishayela.

Lo muntu uvele washisa i-clutch emotweni yami.

Ngithe uma ngithola kanti vele ushayela imoto ezishintshayo, akayijwayele eshintshwayo.

Mhleli ngithi angixwayise abantu la ngaphandle ukuthi kumele bazi ukuthi umuntu oshayela imoto ezishintshayo akakwazi ukushayela.

Ishile i-clutch yami kuyimanje ngibhekene nezindleko zikaR15

000 ngenxa yalo muntu ebengazi ukuthi uyakwazi ukushayela ngoba phela kade aqala ukushayela kanti uyarobha ushayela lezi ezishintshwa abaphansi, yena nje uvele aqondise isiteringi okunye kuzenzekele.

Mhlawumbe kubalulekile ukuthi abantu abashayela izimoto ezizishintshayo banganikwa nje izimoto ezishintshwayo ngoba bazosifaka ezindlekweni.

Ngenhlanhla sigcine sivumelene ukuthi akhokhe uhhafu wale mali yokukhanda lena ayilimazile.

Ngixolise uma nginhlanhlatha ngalolu daba.

Linda “Gabade” Gasa

EMANDENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.