Umangalelwe owesifazane olume inja ebilwa neyakhe

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINDABA -

LUGCINE luya enkantolo udaba lowesifazane waseAustralia olume inja yomunye ngesikhathi ecikwa ukuthi ihlasele eyakhe. Kuthiwa laba besifazane bebehamba nezinja zabo ngesikhathi enye ikhonkotha enye.

Kuthiwa lo wesifazane obehamba nenja ehlaseliwe, uvele wabamba le enye ngomsila wayihlaba ngezinyo kanzima elekelela eyakhe abeyibona ukuthi iyasokola.

Umnikazi wenja elunyiwe, uthe ubona sengathi inja yakhe ibigconwa yile enye.

Uthe empeleni eyakhe ibiyidlalisa le nja hhayi ngoba ibifuna ukuyiluma.

Umnikazi wenja elunyiwe uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko uvele waba nokhwantalala ngoba uhlukumezekile ebona inja yakhe ihlatshwa ngezinyo kanzima kangaka. Uthe akasakwazi nokuphuma nenja yakhe alule izinyawo ngoba lesi sigameko simshiye ethuthumela futhi nodokotela bathi unokhwantalala.

Le nja elunyiwe kuphoqeleke ukuthi ihanjiswe kudokotela wezilwane ayoyixilonga emuva kokuba ihlatshwe ngezinyo.

“Uqale wamemeza emadlebeni ayo inja yami kanzima, ngesikhathi ememeza ubebuye ayihlabe ngezinyo kulowo mnyama. Ubeyiluma indlebe abuye ayilume nasentanyeni,” kuchaza umnikazi wenja.

Osolwa ngokuluma inja uvumile ukuthi uke wayibamba kanzima ngomsila naye ezama ukusindisa eyakhe. – The Daily Mail

UVELE waba nokhwantalala owesifazane wase-Australia emuva kokuthi inja yakhe ilunywe womunye obecikwa ukuthi ihhahhameza eyakhe Isithombe: The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.