Uxwayisa ngenyanga ethembise ukumenza injinga

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

IKHALA ezimathonsi indoda yaseZakheni eMnambithi ngemuva kokucwila kwemali yayo iyothwala enyangeni.

UMnuz Sizwe Ndlovu

(40) ufuna uR13 000 wakhe enyangeni yodumo uMnuz Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde waseBhambanana, eJozini, amsola ngokuhluleka ukumenza isicebi

UNdlovu uveze ukuthi waheheka ngemuva kokuzwa uDr Mkhulu ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ezishaya isifuba ngokuthi unomuthi wokuthwala ongadingi ukuthi umuntu aze achithe igazi.

“Ngaziyela mathupha emzini wakhe eJozini nami ngifuna ukuthwala. Ngabamba leli lokuthi uyakusiza ngaphandle kokuthi uze ubulale umuntu noma isilwane. Ngafika wanginikeza isigubhu esinemithi phakathi athi njalo kumele ngithele uju phakathi ukuze kufezeke isifiso sami sokuthi ngicebe,” kusho uNdlovu.

Uthe wayalelwa ukuthi athenge indwangu emhlophe noju esitolo ukuze izinto zimhambele kahle.

“Lesi sigubhu ngangisifaka ebhakedeni ngilibeke phezu kwendwangu bese ngithela uju. Le nyanga yayithe lo muthi uzosiza ukuthi uqinise kulokhu engigxile kukho. Mina ngangigxile ekugembuleni, ngakho yayithe ngizowina. Ngaya ngiphindelela ekhasino, ngibheja nebhola kodwa lutho ukuwina. Kunalokho ngangidliwa le mali encane enginayo,” kusho uNdlovu.

Uthe ngokubona ukuthi lo muthi awusebenzi wabuyela khona kwaDr Mkhulu eyofuna imali yakhe. Uthe wayeye ngoDisemba nyakenye njengoba sekunguDisemba futhi kodwa akakaze athole ngisho indibilishi ngalesi sigubhu, uyaqhubeka nokusifunza uju.

Uqhube wathi wafika uDr Mkhulu engekho, abasizi bakhe bathi akashiye izinombolo zakhe zasebhange ukuze abuyiselwe imali yakhe kodwa kuze kube yinamhlanje akakaze ayithole.

Into emkhathazayo uthe wukuthi efika emzini kaDr Mkhulu wabona ibhuku elinohide lwamagama abantu ababesahlela ukuya khona.

“Ayikho leya nto, kudliwa imali yabo. Mina ngathatha imali yami engasenginesikhathi ngiyibekile ngayoyikhokha yonke,” kusho uNdlovu.

Ethintwa uDr Mkhulu ubhoke ngolaka wathi uNdlovu akamfonele noma aye emzini wakhe uma efuna imali yakhe.

Uthe akasamkhumbuli ngoba baningi abantu abafika kuye, ungumuntu omatasa.

YISO lesi sigubhu uMnuz Sizwe Ndlovu waseMnambithi athi kwakuthiwa sizomlethela imali eningi Isithombe: SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.