Kuboshwe ikhansela ngokubulawa kwelinye

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

kaSigonyela ngoLwesihlanu ebusuku.

UNobhala we-ANC esifundeni iTheku uMnuz Bheki Ntuli, uthi bayakwemukela ukuboshwa komunye umsolwa kodwa baphoxeke kwaphela nasozwanini uma bethola ukuthi umkhuba usekhaya.

“Siyakholelwa ekutheni umthetho uzokwenza umsebenzi wawo kulolu daba, futhi sinxusa amalungu e-ANC ukuthi ahloniphe umthetho uma kunje.” Kuboshwa leli khansela nje kuvele kunabanye abasolwa abathathu ababoshiwe ngokubulawa kukaMaphumulo. UMnuz Sandile Mvelase, Mnuz Phumlani Nojiyeza noMnuz Nkosingiphile Nojiyeza kade besenkantolo kuleli sonto. Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoLwesine njengoba izelamani zakwaNojiyeza bezisafuna ukuthola ummeli okhokhelwayo.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo uthe abavumelekile ukuphawula ngamacala okubulawa kosopolitiki ngoba wudaba olusingethwe ngobunono.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.