UDe Lille uthi iqembu lakhe elisha liyadlondlobala

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - MARY JANE MAPHELELE

OWAYEYIMEYA yaseKapa uNkk Patricia de Lille useveze ukuthi iqembu lakhe elinenyanga lisunguliwe iGood, selinabalandeli abalinganiselwa ku-60 000.

Uveze ukuthi abalandeli bakhe bathe chithi saka kuzo zonke izifundazwe zakuleli. Uthe iningi labalandeli bakhe baqhamuka esifundazweni iGauteng, kulandeli iWestern Cape, Eastern Cape neNorth West.

UNkk De Lille owehle esikhundleni sokuba yiMeya, wasula nasekubeni ilungu le-DA emasontweni ambalwa edlule, uthuuse abaningi eseveza ukuthi usesungule iqembu lezepolitiki.

Ngesikhathi eshiya kwiDA, uNkk De Lille walandela amakhansela ayisishiyagalolunye asula eMkhandlwini waseKapa.

Uveze ukuthi amalungu eDA ajoyina iqembu lakhe ngoba eseka ubuholi bakhe. Uthe sebemi ngomumo ukungenela ukhetho lukazwelonke langonyaka ozayo kuzo zonke izifundazwe.

UZISHAYA isifuba ngokuthi iqembu lakhe elisha selinabalandeli abangu-60 000, uNkk Patricia De Lille owayeyiMeya yaseKapa Isithombe: DAVID RITCHIE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.