‘Kunezitha ezingayifuni inqubekela phambili’

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

KUVELE kwangicacela ukuthi kunabezindaba abangamathuluzi ahamba phambili ukufafaza amanga aluhlaza. Inhloso yalokhu ukudicilela isithunzi sami phansi. Kwakhiwa isithombe sokuthi mina ngingumholi ohambisa phambili inkohlakalo. OKlebe abakaze bathi mina ngizoboshwa futhi abukho ubufakazi bokuthi mina ngiyaphenywa.

UYABAZI yini laba abahlose ukudicilela phansi igama lakho?

ABENZI balokhu yilabo abangafuni ukubona umasipala uletha izidingo kubantu. Yizitha zeqembu elibusayo ezifuna ukuwisa umasipala. Lezi zigilamikhuba zisebenzisana nalabo abazibiza ngezintatheli kodwa abatshengisa ukuba ngohubhu lukabhejane. Lezi zintatheli mbumbulu ziyithuluzi elisetshenziselwa ukuxova nokubhebhezela imfundisoze.

IZIPHI izinyathelo ozobathathela zona labo abakusola ngenkohlakalo?

NJENGOBA ngimemezele kuleli sonto, ngibathathela izinyathelo zomthetho. Njengomholi okhethiwe ngiyakwethakasela ukuboniswa nokugxekwa ngokwakhayo. Ngifisa ngaso sonke isikhathi ukusebenzisana nalabo abafisa sakhane. Nalabo abagxekayo uma kunamaphutha fanele kodwa babeneqiniso futhi babeke ubufakazi phambili. Kungaba amalungu omphakathi, osopolitiki bamanye amaqembu, noma yizintatheli. Uma kuzesetshenziswa amanga ukudicilela phansi igama lami ngeke ngize ngigoqe izandla. Ngizosebenzisa imigudu efanele ukuze ngibambule izinqa.

YINI eholele ekutheni oKlebe baphenye uMkhandlu weTheku?

SINEZINHLELO zokulwa nenkohlakalo ngaphakathi. Sisebenzisana nezinhlaka zikahulumeni kazwelonke okuhlanganisa ihhovisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.