Ukuboshwa kwamakhansela ngeke kudunge umgubho

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - SAMKELO MTSHALI, SNE MASUKU noBONISWA MOHALE

NJENGOBA ngoJanuwari 12 i-ANC izobe igubha iminyaka engu-107 yasungulwa, ithi ukuboshwa kwamakhansela ayo asolwa ngokubulala elinye ngeke kuwuphazamise umgubho. Umgubho uzokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ukuboshwa kukaMthokozisi Nojiyeza oyikhansela kwaward 80 eMlaza ngeledlule, kuhlambalaze inhlangano.

UNojiyeza uvele enkantolo ngoLwesine maqondana nokubulawa kwekhansela lakwaward 88 uSibusiso Maphumulo ngo-Okthoba kulo nyaka.

Unobhala we-ANC KwaZuluNatal uMnuz Mdumiseni

Ntuli, uthe yize ukuboshwa kukaNojiyeza kudinga ukubhekwa ngelibanzi kodwa akakholwa ukuthi ukuboshwa kwakhe kuzodala uqhekeko.

“Angiboni nkinga esifundazweni nangendlela esisingathe ngayo ingqugquthela yokukhetha amagama. Kuyizinkomba zokuthi siyakwazi esikufunayo, siqhakambisa ubunye. Umkhumbi uyantweza, nginesiqiniseko sokuthi uma kufika umcimbi we-ANC ngoJanuwari wonke umuntu uzobona ukuthi i-ANC ayihlangene nje kuphela kodwa isilulungele nokhetho,” kusho uNtuli.

UNtuli uthe banethemba lokuthi ababengomengameli uMnuz Thabo Mbeki noMnuz Jacob Zuma bazoba khona kulo mgubho.

“Ngesikhathi i-ANC igubha iminyaka engu-106 e-East

London, uZuma wayemenyiwe. Akusikhona nje ukuthi usuke uzokweseka abaholi bangaleso sikhathi kodwa usuke uzobhiyoza namanye amalungu e-ANC,” kuchaza uNtuli.

Uthe ukubamba iqhaza kukaZuma emikhankasweni yokhetho kuletha umyalezo wobumbano.

Njengengxenye yezinhlelo zeJanuary 8 Statement nokwethulwa komkhombandlela wokhetho ngoJanuwari 12, uNtuli uthe inhlangano izovakashela ithuna lowaba ngumengameli wokuqala we-ANC uMnuz John Langalibalele Dube.

“UDube waba ngumengameli wokuqala we-ANC, kubalulekile ukuthi abaholi bahambele ithuna lakhe njengophawu lokumhlonipha,” kusho uNtuli.

Uthe ulindele ukuthi iMabhida igcwale phama baze bakapakele nasePeople’s Park.

UMnuz Fikile Mbalula oyinhloko yezokhetho kwi

ANC, ngenyanga eyedlule uthe balindele abantu abalinganiselwa ku-140 000 ngoJanuwari 12.

Khonamanjalo umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Protas Madlala uthe i-ANC kumele izinuke amakhwapha ngokubulawa kwamalungu ayo.

Uthe i-ANC kumele ilubhekisise uhlelo lwayo lokufaka abaholi ezikhundleni nokwabiwa kwamathenda. Uthe lokhu yikho okuholela ekutheni kubulawane.

Ubekhuluma emva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi kukaMthokozisi Nojiyeza, umfowabo uPhumlani Nojiyeza noNkosinathi

Mbambo ngoLwesine njengoba bebebhekene necala lokwakha uzungu lokubulala uMaphumulo.

“Kumele bangaqalazi kude ngoba umkhuba usekhaya. Kumele bangasoli muntu kodwa bazisole bona. Umbuzo okumele sizibuze wona ukuthi akwenzeki ngani lokhu kwiDA? Wonke umuntu uyayazi impendulo. Abantu ababulawayo basuke belwa nenkohlakalo,” kusho uMadlala. Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe amalungu abo abesenkantolo abengangqubuzani kodwa abeze ukuzokweseka umndeni wakwaMaphumulo. Unxuse amalungu abo ukuba ayekelele inkantolo ixazulule lolu daba.

UPhumzile Maphumulo ongudadewabo wekhansela elabulawa, uthe ushaqekile ngokuboshwa kukaNojiyeza obengumngani womfowabo omkhulu.

“Siphoxekile, bebazi yonke into ngomndeni wethu nokuthi siyizintandane. Sibonga uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngokuboshwa kwalaba.”

AMALUNGU ayisithupha esigungu esiphezulu se-ANC, kwesobunxele yiPhini likaNobhala Jikelele uNkk Jessie Duarte, uNobhala Jikelele uMnuz Ace Magashule, uSihlalo uMnuz Gwede Mantashe, uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, iPhini lakhe uMnuz David Mabuza noMgcinimafa uMnuz Paul Mashatile bazobe bephelele kwiJanuary 8 Statement eMoses Mabhida Stadium, eThekwini Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.