‘Silindele imiphumela emihle ka-matric’

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

kancane kancane siyasondela. Ukunyuka kwayo imiphumela izobonakalisa nokuthi imizamo yethu iyasebenza.

UNGATHINI kubafundi abazokhala ngaphansi uma sekuphuma imiphumela?

NGITHI abaye esikoleni abebefunda kuso bathole imiphumela eyiyona yona. Bazofika esikoleni bakwazi nokuthola ukuthi bangasizakala kanjani lapho abangenzanga kahle khona. Angiphikisani nalezi ezinye izinhlelo zokuthola imiphumela ngemiyalezo nokunye kodwa imiphumela eyiyona yona bazoyithola esikoleni.

IZIPHI izinhlelo eninazo ukulekelela labo abazobe befeyilile?

NGEKE lube khona uhlelo oluphuthumayo lokubhala izifundo ezimbili umuntu azobe ezifeyilile olubizwa ngesupplementary exam ngoba abaningi bagcine bengabhalanga. Abafundi bazonikezwa isikhathi esanele sokulungisa izifundo zabo, futhi ngeke bakalelwe ukuthi balungise ezingaki. Bayoze babhale ngoJuni sebekulungele.

IZIPHI izifundazwe ezenze kahle noma izifundo eziphaswe kahle?

ANGIKWAZI ukukuveza lokho okwamanje. Kuzovezwa wungqongqoshe ngoJanuwari 4.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.