Umculi ukhuza ukuzib

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - CHARLES KHUZWAYO

UKUZIBULALA kwabafundi ngemuva kokufeyila izivivinyo sekusukumise umculi we-Afro soul/jazz waseThekwini, uPamela Mchithwa, kodwa odume ngelikaQueen Mpondo emculweni, ukuba akhiphe ingoma eqwashisa ngalesi sihlava.

UQueen Mpondo (32), ohamba ezinyathelweni zezingwazi zalo mculo uSimphiwe Dana noMiriam Makeba, wenze ingoma ngokuhlanganyela nomculi we-Afro pop waseClermont, uStixzet, ethi Bambelela.

Uthe okumgqugquzele ukuba enze le ngoma yizehlakalo zabafundi abazibulele kulo nyaka.

“Njengoba kuzophuma imiphumela kaGrade 12 kunabanye abangase bazibulale uma bethole ukuthi abekho ephepheni. Ngithi mina kubo akulahlwa mbeleko ngakufelwa, abaqhubeke basebenze kanzima kuzogcina kulungile. NakwaMakhanya kwagcina kukhanyile,” kusho lo mculi odabuka esigodini sasePhumlo, eQhawukeni, eLusikisiki, e-Eastern Cape.

UQueen Mpondo uthe le ngoma uzoyihlabelela okokuqala emcimbini iShosholoza oseNanda Dam ngoJanuwari 1 kusukela ngo-10 ekuseni. Kule ndumezulu yomcimbi uQueen Mpondo uzobe eshiyelana inkundla nabaculi abaziwayo okungoBabes Wodumo, Dladla Mshunqisi, Mgarimbe, Khuzani, Tipcee, DJ Bongz nabanye abaningi.

Uthe wabizwa ngendlovukazi yomculo wamaMpondo ngenxa yokuthi siyame

Uqal ngapha abizelw waqoph neVinyl Ngifuna ngayenz (obengu The Leg wayenz ethi Opo

Usek noZulu Busi Mh Head.

Emc ngamav unolwaz eThekw

Am kwiSho eCompu Checker

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.