Imicimbi yokusonga unyaka ithe chithi saka eKZN

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - S’BU MASANGO

ABATHANDI bobumnandi bazozitika ngezindlela ezahlukene njengoba kusongwa unyaka ka-2018 kungenwa ku-2019.

Iningi labathandi bobumnandi ngalesi sikhathi basuke bejabulela ukuphuma bengena emicimbini eyahlukene nasezindaweni zobumnandi.

Nakulo nyaka kunjalo-ke njengoba imicimbi yokuhlukanisa unyaka ithe chithi saka kusasa, cishe iKwaZulu-Natal yonke. Yonke le micimbi elandelayo ikusasa.

EThekwini kuneFact Durban

Rocks ePeoples Park, eMoses Mabhida

Stadium, ehlelwa wuDJ Tira. UTira uthe ujabule ngendlela amathikithi ahamba ngayo. “Lo mcimbi uzobe ukhonjiswa yiChannel O okusho ukuthi uzobukwa ngisho e-Afrika.”

Kuneziteji ezintathu esikhulu sibophele uTipcee, AKA, Nasty

C, Babes Wodumo,

Busisiswa, Dladla

Mshunqisi,

Distruction Boyz,

Khuzani, Zanda

Zakuza, Professor,

T’zozo, Mlindo The

Vocalist, Hlengiwe

Mhlaba, L’vovo nabanye. Esesibili sibophele uHyenah,

DJ Merlon, Kususa,

Argento Dust noDJ

Kabila. Esesithathu esegqom’, kukhona uKing Sfiso, DJ

Kotin, DJ Masiya,

DJ Tick, DJ Target noNdile nabanye. Abaphathi bohlelo uSomizi noMandla “Njinji Wami” Magwaza. Amasango avulwa ngo-6 ntambama kuze kube wu-6 ekuseni. Amathikithi anguR250 ajwayelekile kanti awezicukuthwane anguR1000.

EMhlathuze Sports Complex eRichards Bay kune-9th Last Dance Music. Kuboshelwe abaculi o-Aka, Kwesta, Lady Zamar, Busiswa, Black Motion, Sjava, Nasty C, Mlindo The Vocalist, Mampintsha, Khuzani, Distruction Boyz, L’vovo, Big Zulu nabanye.

Abaphathi bohlelo wuMandla Magwaza, Tshatha, Mroza Sthandwa Gama boKhozi FM, Khaya Dladla noNtombi Ngcobo. Amathikithi abiza uR250 kanti awezicukuthwane abiza uR700.

IT’zozo

Project ihlele imicimbi emibili yokuhlukanisa unyaka.

Kukhona oseUnder The Moon, eNanda kusuka ngo-7 ebusuku. Kuboshelwe uDladla Mshunqisi, DJ Kotin, DJ Bongz, Mondli Ngcobo, Sithelo, Da Babes, Naima Kay, T’zozo, DJ Masiya, DJ Websta, Thukzin,

Emza nabanye. Abaphathi bohlelo wuTha noThulani Zondi. Amathikithi abiza uR100 ecomputicket kanti esangweni anguR200.

Omunye useNsimbini Lifestyle eFolweni kuboshelwe u-Oskido, Babes Wodumo, Khuzani, Zakwe and Mzulu, T’zozo, Sox, DJ Answer, Mzokoloko, Mario nabanye. Amathikithi abiza uR70 ngaphambi kuka-10 ebusuku, bese kuthi awezicukuthwane anguR200 aweVVIP R300.

UTzozo uthe abantu abeze bazojabula kulezi zindawo ngoba kuzobe kuphephile.

Uthe kuzobe kuneziqhumane ezisezingeni elicokeme okuzohlukaniswa ngazo unyaka.

Uthe nangoLwesibili zizobe ziphenduka kuMgababa Coastal Beach Party. Kuboshelwe uBabes Wodumo, Mampintsha, DJ Merlon, Zakwe, Danger, DJ Websta, Tzozo, Mondli Ngcobo nabanye. Amathikithi anguR100, awezicukuthwane anguR200.

ECentrum Park eThekwini kune-10th Annual Gospel

Stars ehlelwa yiNcwane Communications.

Kuqalwa ngo-6 ntambama kuze kuse.

Kuboshelwe Ayanda Ntanzi, Sipho Makhabane, Babo, Kholeka, Solly Mahlangu, Thobekile, Neyi Zimu, Sgwili, Fikile Mlomo, Benjamin Dube, Hlengiwe Mhlaba, Abathandwa nabanye. Kungenwa ngoR170, iVIP nguR270, amaVVIP nguR500.

OLundi Stadium kunoMgruvo Music Festival. Kukhona uBusiswa, Igcokama Elisha, DJ Cndo, DJ Nzwiri nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe nguSelbeyonce woKhozi FM nosomahlaya uMondli Mzizi. Amathikithi abiza uR100, R150 aweVIP R350 kanti esangweni anguR400.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.