Uzolingisa nezingwazi owaseKZN

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - CHARLES KHUZWAYO

UMLINGISI wesifazane wasesigodini saseMandlalathi KwaNgcolosi, eKranskop, uPhilile TV Goge, uthole ingqayizivele yethuba lokulingisa nezingwazi zamazwe ngamazwe efilimini eshuthelwe eNamibia ethi Red Sea Diving Resort.

Kule filimu, uPhilile ulingisa noChris Evans, Haley Bennett, Michiel Huisman, Alessandro Nivola, Greg Kinnear, Michael K Williams noBen Kingsley.

UPhilile (31), osebuya ekwayeni yoZalo nakwiNanda 88.4 FM, uthe lefilimu bayishuthele emadolobheni aseNingizimu Afrika okuyiTheku, Mgungundlovu, Upington, Kapa naseNamibia.

“Le filimu ikhuluma ngesizwe zase-Ethiopia esiphunyuka emlonyeni wengwenya ngenxa yokusizwa yimpimpi thizeni.”

Uthe kumjabulise kakhulu ukufezeka kwephupho lakhe njengoba ukulingisa akwenza eCreative Arts College eThekwini ngemuva kokuphothula uGrade 12 eHlangabeza High.

Leli ciko liyaziqhenya ngendawo yangakubo futhi lizimisele ngokuheha izivakashi ukuze zitshale imali kuMasipala waKwaMaphumulo.

Izolo ubehlele umcimbi onombukiso phakathi iWoz’ekhaya Expo and Maskandi Festival ezinkundleni zemidlalo zaseHlangabeza eKranskop.

“Inhloso yami ukuqhakambisa indawo yangakithi ukuze ihehe izivakashi zamanye amazwe ukuze zizotshala imali,” kusho uPhilile.

Uthe kunenye yaphesheya kodwa angeke futhi ifilimu esaqoshwa eThekwini ayidalule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.