Usehlala ekhala ophuma izinyembezi zegazi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

KUTHOMBE ukhiye kodokotela base-India abaxakwe yisimanga sendoda ekhala izinyembezi zegazi okuyisifo esingaziwa futhi esixakayo.

Lo mlisa oneminyaka engu-22 kuthiwa usehlala ekhihla isililo emuva kokuthola ukuthi kuphuma igazi uma ekhala esikhundleni sezinyembezi.

Kuthiwa yikhona lokho okumenza ahlale ekhihla isililo ngoba akaqondi ukuthi sidalwa yini lesi sifo. Kuthiwa odokotela bamhlolile bathola ukuthi akaguli ndawo kodwa izinyembezi zegazi zilokhu zigeleze njalo kuyena. Odokotela bathe sikhona isifo esibizwa nge-haemolacria esivame ukudala ukuthi umuntu akhale igazi kodwa kulo mlisa akucaci ukuthi yisona yini. Kuthiwa lo mlisa wethuse ngisho iziguli esibhedlela zibona umuntu okhala igazi. Emphakathini nasesibhedlela kuthiwa bajika naye bekhombisana ngaye.

Kuthiwa odokotela bebeshayisana ngamakhanda bebonakala ukuthi bayoyixoxela amagwababa echobana ngoba bahlala bezibona izifo kodwa lesi sibaxakile abakaze basibona.

-THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.