Injabulo kubuyisana uRihanna nenjinga

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

KUBE nenjabulo kubalandeli besilomo somculi uRihanna ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi babuyisene nesoka lakhe eliyimpunyela okuthiwa bese benesikhathi bengabonani ngenxa yokuthi bake bathi ukuthusana. Bagcina ukubonakala ndawonye ngenyanga edlule.

URihanna ubonakale noHassan Jamal odabuka eSaudi Arabia, bephole kwenye indawo yokudlela, kubonakala nje ukuthi konke kuhamba kahle.

Le ntokazi ibidlubhe izimpahla zayo zakwanokusho njengenjwayelo. Ngaphambi kokuyophola kuthiwa baqale baya komunye umcimbi wenkampani yezimoto lapho isoka lakhe elinamasheya khona kwezamabhizinisi.

Kusolwa ukuthi ngesikhathi behlukene kwakusukela engxabanweni ababa nayo lapho kwabonakala khona isoka lakhe limkhakhabisa phambi kwabantu ngesikhathi bephambana ngemibono.

Le ngxabano wabuzwa ngayo nasezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe bekhathazekile kodwa wakuchitha ukuthi baxabene. –

Elle.com

LUQALE phansi uthando phakathi komculi uRihanna nesigwili uHassan Jameel Isithombe: ELLE.COM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.