Limlahlile opotoze umphambili wenkawu

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA/EZINGAJWAYELEKILE -

UGWETSHWE iminyaka emithathu ebhadla ejele owesifazane wase-Egypt emuva kokulahlwa yicala lokuhlukumeza inkawu ngokocansi.

Lo wesifazane kuthiwa ubonakale kwi-video epotoza umphambili wenkawu ehleka kubonakala ukuthi uyayijabulela le nto ayenzayo.

Uboshwe emuva kokuthi le video isabalale ezinkundleni zokuxhumana zase zimzingela ezakwadalawane.

Kuthiwa le nkawu wayeyifice esitolo esidayisa izilwane zokufuywa wayibuka wayithanda wagcina eyibhucabhuca umphambili.

Kuthiwa uzivumele ngokwakhe ukuthi uyenzile le nto kodwa wathi yena ubengaqondile ukuhlukumeza inkawu ngokocansi ubeyidlalisa.

Kuthiwa lo wesifazane akaqali ukuboshwa, sikhona esinye isigameko esingemukeleki abanjwa esenza emphakathini.

Ukhale ngokuthi umngani wakhe omqophe i-video kodwa ubengazi ukuthi izosabalala kangaka ezinkundleni zokuxhumana futhi umangele esebona ukuthi idale umsindo ongaka.

-THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.