‘Alikho iqoqo okungelikawafa wafa kwiChampions League’

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE

UKUDIDIYELWA eqoqweni elilodwa kweMamelodi Sundowns namaqembu amabili okuyiLobi Stars yaseNigeria ne-Asec Mimosas yaseAbidjan, e-Côte d’Ivoire, osekuneminyaka ecela eshumini engakwazi ukudlala kwiChampions League akusho ukuthi imidlalo izokuba lula.

Lona ngumbono wephini lomqeqeshi waMasandawana, uManqoba Mngqithi, ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala esigabeni samaqoqo kwiChampions League obekwenziwa eCairo, e-Egypt, ngoLwesihlanu ebusuku.

Amasandawana adidiyelwe eqoqweni A neStars, Mimosas neWydad Athletic Club yaseMorocco.

IWydad isiwunqobe kabili lo mqhudelwano okuzobe kungokuqala elakuleli iNingizimu Afrika imelwe amaqembu amabili.

Umdlalo womlenze wokuqala azovula ngawo azodlala neLobi Stars, e-Aper Aku Stadium, eNigeria ngoJanuwari 11.

Ngesonto elilandela elomdlalo neStars amaBrazilians azodlala neWydad Athletic Club eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane, eGauteng ngoJanuwari 18.

IMimosas izokube ingaqali ukuzodlala eNingizimu Afrika njengoba yayingamanye amaqembu ayejwayele ukumenywa ezodlala neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kwi-Vodacom Challenge.

“Alikho iqoqo okungathiwa elikawafa wafa ngoba wonke amaqembu afinyelele kule sigaba anzima.

“Phezu kokuthi uLobi Stars ne-Asec Mimosas sekuneminyaka elinganiselwa eshumini engadlali kwiChampions

League kodwa lokho akusho ukuthi sizobe sihamba ethafeni uma sesidlala nawo.

“Yebo, lokho kungaba nawo umthelela ukungadlali kwiChampions League kodwa nakuba kunjalo kuzofanele sizibambe ziqine,” kuchaza uMngqithi.

Le nkulumo kaMngqithi ifakazelana neyomdlali weSundowns u-Anthony Laffor, osethathwa njengomxazululi wezinkinga uma kuziwa emidlalweni yeChampions League.

Lo mdlali odabuka eLiberia utshele iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe ngeSonto ukuthi bafunde isifundo ngokwedlule ngesikhathi bephuma kwiChampions League ekubeni bebeseqoqweni elilula okwakukhona kuyo iHoroya yaseGuinea neSports-Port yaseTogo.

Iqoqo ababedidiyelwe kulona nalawa maqembu lalithathwa njengelilula kodwa lagaya ngomunye umhlathi sebezithola bedonsa kanzima nokwagcina ngokuthi bangakwazi ukudlula esigabeni samaqoqo.

EzikaMagebula eziholwa uMilutin Sredojevic zona ziqhathwe neFC Platinum yaseZimbabwe emidlalweni yeqoqo B lapho ididiyelwe kulona neHoroya yaseGuinea ne-Esperance yaseTunisia okuyiyona evikela isicoco.

Umdlalo uzodlalelwa eMandava Stadium, ngoJanuwari 11. Owesibili Amabhakhaniya azowudlala neHoroya ngesonto elilandelayo e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli ngoJanuwari 18.

KwiConfederation Cup iChiefs neZesco United FC yaseZambia ngoJanuwari 11.

Inkundla okuzodlalelwa kuyona nesikhathi kusazodalulwa ekuhambeni kwesikhathi.

Impindamshaye yalawa maqembu izodlalelwa eGoli ngesonto elilandelayo ngoJanuwari 18, nakhona inkundla isazomenyezelwa.

UKUKHUPHULA izinga kuXola Mlambo we-Orlando Pirates (okwesokudla) noPhakamani Mahlambi weMamelodi Sundowns yikhona okuzosiza amaqembu abo kwiCAF Champions League Isithombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.