Amantombazane afundiswa ukuzimela

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - THOKOZANI NDLOVU

IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede inxuse amantombazane asemancane ukuthi afunde ukuzimela. Ukusho lokho ngesikhathi evula ngokusemthethweni umkhankaso iGirl Child

Camp ebiseNtshongweni

Dam ngoLwesihlanu. Kulolu hlelo kuqoqwe izingane zamantombazane ezingu-300 ebeziqeqeshwa ukuthi zikwazi ukuzimela uma sezikhulile.

“Siqoqe amantombazane aneminyaka engu-13 nengu14 ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo. Sifuna ukuthi amantombazane akwazi ukuzimela, futhi akwazi ukumelana nezimo zempilo aphinde axoxe namanye asemakhaya nasezikoleni,” kusho imeya uNkk Gumede.

Ngesikhathi kuvulwa lo mcimbi bekukhona umlingisi weSibaya, uNomzamo Mbatha, oncome lolu hlelo ukuthi luzowasiza amantombazane asemancane.

“Nathi asivelanga saqhamuka sesingosaziwayo kodwa kukhona lapho siqale khona. Ngisafunda bekujwayele ukuthi kufike abantu abazosigqugquzela esikoleni. Lokho angikubukelanga phansi, yingakho ngikwaze ukukhula ngize ngibe kuleli zinga engikulona manje,” kusho uNomzamo.

Lo mkhankaso wokukhulisa amantombazane ubuhanjelwe ngosaziwayo besifazane. Phakathi kwabo kukhona uJessica Nkosi, Thandeka Zulu, Jacinta Ngobese, Thuso Mbedu, Lelo Nkosi, Mapule “Queen Fitness” Ndhlovu nabanye.

Abanye osaziwayo bebeyizikhulumi izolo kuwona.

Uphela namuhla. Ngaphandle kwezikhulumi kubuye kwanikwa lama ntombazanyana ithuba lokuthi ayozivocavoca njengoba bekukhona uMapule obewalekelela ngokuzivocavoca.

UMLINGISI weSibaya, uNomzamo Mbatha namantombazanyana abeyingxenye yeGirl Child Camp ebiseNtshongweni Dam Isithombe: Sibonelo Ngcobo/AFRICAN NEWS AGENCY_(ANA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.