Bathathu abagaqele esobundunankulu eWC

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - JASON FELIX

IYOBANJWA ngeshone nayo emjahweni wesikhundla somholi we-ANC ozongenela esikaNdunankulu waseWestern Cape (WC) njengoba amadoda amathathu ezobe ebanga lesi sikhundla.

Ubuholi obuphezulu kule nhlangano buzokhetha igama elilodwa lomuntu abazogadla ngaye uma sekuncengwa abavoti kulesi sifundazwe esiphethwe yiDA.

Okwamanje kuthiwa ilungu lePhalamende uMnuz Cameron Dugmore, iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bongani Mkongi noMnuz Ebrahim Rasool yibona abaphambili kulo mjaho. Ibamba lomholi we-ANC esifundazweni uMnuz Khaya Mgaxa, uthe uhlu oluphakanyisiwe lubalulekile kodwa isigungu esiphezulu sineziwi elingujuqu.

Kulezi zinsuku le nhlangano imatasa iqedela uhlu lwamagama abantu ezobajuba ephalamende nakwizishayamthetho emuva kokhetho uma inqobile.

UKhongolose usemkhankasweni wokuhlwitha iWestern Cape okuyisona yodwa engekho ezandleni zayo ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.