Bazinikele emaphoyiseni ‘abebeklinywa’ ngumufi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ukuthi abangani bakhe abazinikele emaphoyiseni aseThekwini nasesifundazweni iMpumalanga, kusolwa ukuthi yibo abambulala njengoba sebekhala ngokuthi uyabaklinya.

Umthombo uthe abasolwa baba nengxabano nomufi bemsola ngokudayisa adle yedwa imali ye-laptop ababeyintshontshe emzini wephoyisa ababewugqekezile.

Udadewabo kamufi, uNksz Slindile Nkosi

(28), uthe kumsizile ukusukumela ukunyamalala komfowabo ngoba ngabe namanje abasolwa basagcwele amathafa.

Uthe uqale ukuthintwa ngamaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa ngemuva kokuthi eye kocela usizo enyangeni.

“Inyanga ithe angikhululeke igazi likaSiyanda lizokhuluma. Abasolwa ngeke bakuthole ukuphumula bazoziveza bona.

“Ngempela kwenzeke lokho, amaphoyisa angitshele ukuthi abasolwa bathi uSiyanda ubebaklinya ethi abambuyisele ekhaya,” kusho uNksz Nkosi.

Uthe umfowabo wayegcine ukumbona emasontweni amathathu edlule ngesikhathi emvakashele emqashweni.

“Ngosuku olulandelayo kwafika omunye umngani wakhe ezongitshela ukuthi unyamalele. Ngafika ekhaya lapho ebesehlala khona egadile, kuvaliwe engekho. Ucingo lwakhe lwalukhala lungabanjwa,” kusho uNksz Nkosi.

Uthe omunye wabasolwa okuthiwa wayegcine ukubonakala nomufi, waphika ukuthi uyamazi.

“Umsolwa wesibili wavuma kudadewabo ukuthi wambulala umfowethu, wamkhombisa nommese onegazi. Kuthiwa wagcina esesabisa udadewabo ngokuthi uzombulala.

“Udadewabo wabikela amaphoyisa kodwa abasolwa bobabili bagcina ngokubaleka endaweni njengoba sebeziyise emaphoyiseni,” kusho uNksz Nkosi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi omunye wabasolwa uzinikele emaphoyiseni eThekwini, wathi owesibili uboshwe ngamaphoyisa eMpumalanga.

“Isidumbu ebese sonakele somlisa ona-21, sitholwe singcwatshwe ethuneni elingashonile, sikinatelwe ngezincingo.

“Abasolwa ababili ona-26 no-27 weminyaka baboshiwe, besolwa ngecala lokubulala,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo kuleli sonto, babuyiselwa esitokisini.

Uthe bazobuyela enkantolo maduze ukuyofaka isicelo sebheyili.

Comments

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.