Bashaqekile ngosomabhizinisi ohlambalaze amadodakazi akhe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

nenqwaba yamadoda, alala nawo.

Isenzo salo somabhizinisi owaziwayo endaweni, kuthiwa sibacasulile abantu abebekule ndawo.

“Lezi zingane bezigqoke ama-jean nezikibha ezincane zihamba ngezinyawo. Bezibukeka zingcolile sengathi bezingalalanga nasekhaya.

“Sithukile ngoba lo somabhinisi ungumuntu owaziwayo endaweni, besingalindele ukuthi angenza into efana nalena.

“Amadodakazi akhe abengabukeki eshayiwe kodwa bekubonakala ukuthi ayamesaba ngoba abelokhu ethithibele eduze kwakhe,” kusho umthombo.

Uthe abantu basola uyise wamantombazane ngokuba yisahluleki somzali ngesenzo sakhe.

“Kukhona ababikele abaphathi balezi zitolo, kwabizwa nonogada ukuthi bamnqande.

“Ugcine esexoshwa kwathiwa akakwazi ukuzokwenza into efana nalena ezitolo.

“Amaphoyisa afoneliwe kodwa afike ngemuva kwesikhathi esehambile nezingane zakhe,” kusho umthombo.

Ethintwa lo somabhizinisi usiqinisekisile lesi sigameko, wathi wayeyothenga kwesinye sezitolo ehamba namadodakazi akhe ayenecala alenzile. Uthe onogada bamvimba namadodakazi akhe bathi abaphume ngoba lokhu abakwenzayo akuvumelekile.

“Angikweleti muntu ukuthi ngichaze ukuthi kwakwenzenjani. Sekuyicala yini, ngibe ngingazibulalanga izingane zami.

“Abantu abanenkinga nesenzo sami ngiyacabanga ukuthi bayayazi imigudu efanele okumele bayilandele.

“Mina ngizophendula kubantu abanegunya lokungihlohla imibuzo,” kusho uyise wamantombazane.

Ubhoke ngolaka uma Isolezwe ngeSonto limbuza ukuthi inhloso yakhe kwakuyini ngesenzo sakhe.

“Ngiyibhinca mina ngeke ngilokhu ngigijima ezinkantolo ngalolu daba kodwa ngizokuthungatha ngize ngikuthole ngibhekane nawe ngqo,” esabisa intatheli uyise wamantombazane.

Okhulumela iSanlam Centre, uNkk Lindiwe

Dube usiqinisekisile lesi sigameko, wathi bayalele onogada ukuthi bakhiphele ngaphandle umlisa obehamba nomndeni wakhe enza into ebiphazamisa abathengi nabaninizitolo.

Uthe abahambisani nendlela lo mlisa abezama ukuxazulula ngayo inkinga yomndeni wakhe endaweni yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.