Uchitha eyokungalandeli imigomo yezokuphepha

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UMPHROFETHI Shepherd Bushiri we-Enlightened Christian Gathering Church, uchitha imiphumela yeCity of Tshwane eveza ukuthi akayilandelanga imigomo yezokuphepha yeHealth and Safety, okuyinto eholele ekushoneni kwabantu abathathu ebandleni lakhe ngesikhathi kunesiminyaminya ngoDisemba 28 wonyaka odlule.

Lokhu kuvele ngemuva kocwaningo lwabezimo eziphuthumayo beCity of Tshwane.

Kumanje iCity of Tshwane izokhipha amaphepha anemigomo okumele ilandelwe yileli sonto noma lingabe lisaqhubeka uma lihluleka ukuyilandela.

Ummeli webandla , uMnuz Terrence Baloyi uyakuchitha ukuthi leli bandla aliyilandelanga imigomo yezokuphepha.

“Kumanje nginekhophi yesitifiketi esikhishwe yiCity of Tshwane ngoDisemba 31 nyakenye ukuthi zingaqhubeka izinkonzo kule ndawo. Ngaphandle kwaso njalo ngenyanga sithola isitifiketi esiqinisekisa ukuthi ibandla liyahambisana nemigomo yezokuphepha.

“Isitifiketi senyanga sikhishwa yinkantolo ngenxa yokuthi sisekhaleni lomkhankaso wokuhambisana nemithetho yezokuphepha kuleli dolobha,” kusho uBaloyi.

UMPHROFETHI Shepherd Bushiri

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.