Uvume icala oshise amakhamera

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINDABA -

ILIVUMILE icala indoda yaseAustralia ebihamba ithungela ngomlilo amakhamera ejubane atshalwa amaphoyisa emgwaqeni ngenhloso yokujezisa abashayeli bezimoto ezihlala zindiza.

UMnuz Ruseel Weribone (40) kuthiwa sengathi ubecasulwa ukuthi usefile amathikithi omgwaqo eshuthwa amakhamera njalo, wavele wawashisa.

Lo mlisa uvele eNkantolo yeMantshi e-Adelaide lapho egonyuluke khona ngemikhuba yakhe.

Kuvele nokuthi le ndoda ishweleze enkantolo icela ukuthi iyishaye ngoswazi oluncane ngoba ayazi ibingenwe yini ize icekela phansi impahla. Kuthiwa amaphoyisa abesezwile ngomuntu oshisa amakhamera aphuma inqina agcina embambile.

Kuthiwa ucwilise isokisi kuphethroli, walithungela ngomlilo waliphosa kwenye yamakhamera. Kuthiwa kusuke isidumo kubhulwa umlilo kanti abazi ukuthi usakhuza ibuya lo mlisa.

Emuva kwamahora amathathu ukuphindile lokho wayishisa futhi ikhamera. Uphinde wathweswa icala lokuqamba amanga emaphoyiseni ngesikhathi empheka ngemibuzo ngalolu daba. Kuthiwa wawaholela ophathe ezama ukuphuma ecaleni.

Kuthiwa le ndoda ezisebenza yona ngokuxilonga ugesi, izobhadla esitokisini kuze kushaye uMashi lapho izobe isizocela khona ibheyili. – The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.