Ikhishiwe ingoma kaGaga noR Kelly

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINDABA -

ISUSIWE ohlwini lwezingoma ingoma kaLady Gaga ayishaya noR Kelly njengoba ebhekene nezinkinga zokusolwa ngokunukubeza abantu besifazane ngokocansi.

Ingoma esihloko sithi Do What You isuswe emuva kokuthi uLady Gaga ebhale kuTwitter exolisa ngokusebenzisana nomculi osolwa emacaleni abucayi kangaka. Kusanda kuphuma iqophamlando elithi Surviving R Kelly eleneka imikhuba yakhe. Kuthiwa kukhishwe ngisho ama-video aku-You Tube ale ngoma. UGaga uthi uyabeseka laba besifazane okuthiwa bangabagilwa balesi sihlabani seR & B esisenkingeni.

“Ngihambisana nabo abesifazane futhi kufanele niyikholwe into abayishoyo. Ngibona ukuthi basezinhlungwini futhi kufanele udaba lwabo siluthathe njengolubucayi kabi,’’ kusho uGaga ngombhalo wakhe.

Uthe uGaga naye usebenze noR Kelly kule ngoma engumgilwa kwesinye isigameko sokuhlukunyezwa ngokocansi esingahlangene nalo mculi osolwayo. Kuthiwa le ngoma ike yaba ngundabuzekwayo ithengwa ubuthaphuthaphu kuma-iTunes.

Izindaba zikaR Kelly zisabalele umhlaba wonke, abaningi bekhala ngokuthi ubaphoxile ngoba bayazifela ngomculo wakhe. Lezi zinsolo zinesikhathi zimlandela lo mculi. – IANS

ULADY GAGA ulahla uR Kelly emacaleni abhekene nawo Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.