Umshoza uthi akayazi indaba yokukhulelwa
UPHUMELE obala ‘ngokukhulelwa’ umculi we-kwaito ongaconsi phansi kubalandeli bakhe. UNomasonto Mnisi odume ngelikaMshoza nowagqanyiswa yingoma ayeyicula ngokuhlanganyela noMzambiya ethi Kortes, uthi kuyammangaza lokhu okushiwo ngabantu ngaye ngoba yena wondlekile nje kuphela.
“Ukukhuluphala kwami kuhambisana nokuphatheka kahle, hhayi ukuthi ngikhulelwe njengoba abantu abaningi sebekhuluma amanga ngami,” kusho lo mculi.
Mayelana nobudlelwano bakhe noJacob Mnisi ongumkhwenyana wakhe uthe ngeke akubize ngokuxabana kodwa babuye babe nokungaboni ngaso linye njengoba kwenzeka kunoma ibaphi abantu abashadile.
“UJacob nami sizoxhumana impilo yethu yonke, sithanda singathandi njengoba sinezingane ngoba sobabili siyazithanda izingane zethu,” kusho uMshoza.
Kumaphephandaba aphuma ngeSonto uJacob, uthe akasamazi uMshoza futhi abaxhumani selokhu baxabana njengoba ayemsola ngokujola nokudla izidakamizwa.
Ngokunjalo noMshoza uke wasola umyeni wakhe ngokuthi uthandana nentombazane yasendaweni abebehlala kuyona yabadla izambane likapondo eWitbank.
Le ntokazi ike yasikaza ukuzibulala ngemuva kokuxabana nomyeni wayo. Izindaba zokukhulelwa kukaMshoza zivele ngemuva kokuthi ekade evakashele eKaya FM wathathwa izithombe ezimveze ebukeka sengathi ukhulelwe.
Ohlelweni lukaSipho “Sgqemeza” Mbatha woKhozi FM le ntokazi iphike yalala ngomhlane ukuthi ikhulelwe.
“Angiboni ukuthi umuntu ophilile angaphika ukuthi ukhulelwe ngoba isisu siyaziveza. Mina ngisanezingane ezimbili okwamanje, ngisajabulile ukuba nalezi zingane futhi angizimisele ngokuba nenye ingane,” kuphetha uMshoza.