Isolezwe

Umshoza uthi akayazi indaba yokukhulel­wa

- MBALI KHANYILE

UPHUMELE obala ‘ngokukhule­lwa’ umculi we-kwaito ongaconsi phansi kubalandel­i bakhe. UNomasonto Mnisi odume ngelikaMsh­oza nowagqanyi­swa yingoma ayeyicula ngokuhlang­anyela noMzambiya ethi Kortes, uthi kuyammanga­za lokhu okushiwo ngabantu ngaye ngoba yena wondlekile nje kuphela.

“Ukukhuluph­ala kwami kuhambisan­a nokuphathe­ka kahle, hhayi ukuthi ngikhulelw­e njengoba abantu abaningi sebekhulum­a amanga ngami,” kusho lo mculi.

Mayelana nobudlelwa­no bakhe noJacob Mnisi ongumkhwen­yana wakhe uthe ngeke akubize ngokuxaban­a kodwa babuye babe nokungabon­i ngaso linye njengoba kwenzeka kunoma ibaphi abantu abashadile.

“UJacob nami sizoxhuman­a impilo yethu yonke, sithanda singathand­i njengoba sinezingan­e ngoba sobabili siyazithan­da izingane zethu,” kusho uMshoza.

Kumaphepha­ndaba aphuma ngeSonto uJacob, uthe akasamazi uMshoza futhi abaxhumani selokhu baxabana njengoba ayemsola ngokujola nokudla izidakamiz­wa.

Ngokunjalo noMshoza uke wasola umyeni wakhe ngokuthi uthandana nentombaza­ne yasendawen­i abebehlala kuyona yabadla izambane likapondo eWitbank.

Le ntokazi ike yasikaza ukuzibulal­a ngemuva kokuxabana nomyeni wayo. Izindaba zokukhulel­wa kukaMshoza zivele ngemuva kokuthi ekade evakashele eKaya FM wathathwa izithombe ezimveze ebukeka sengathi ukhulelwe.

Ohlelweni lukaSipho “Sgqemeza” Mbatha woKhozi FM le ntokazi iphike yalala ngomhlane ukuthi ikhulelwe.

“Angiboni ukuthi umuntu ophilile angaphika ukuthi ukhulelwe ngoba isisu siyaziveza. Mina ngisanezin­gane ezimbili okwamanje, ngisajabul­ile ukuba nalezi zingane futhi angizimise­le ngokuba nenye ingane,” kuphetha uMshoza.

 ??  ?? UMSHOZA uphika eyokukhule­lwa uthi ngabantu nje abakhuluma into abangayazi abathi ukhulelwe
Isithombe: SANDILE MAKHOBA
UMSHOZA uphika eyokukhule­lwa uthi ngabantu nje abakhuluma into abangayazi abathi ukhulelwe Isithombe: SANDILE MAKHOBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa