Isolezwe

Kusolwa amarabi kolunywe yinja

- LUNGI LANGA

KUZOBABHED­ELA abangafuni ukugoma izinja namakati njengoba uNgqongqos­he wezoLimo uDkt Meshack Radebe eseveze ukuthi bazofuna incwadi yasenkanto­lo enkulu ebagunyaza ukuthi babulale izinja namakati angenabani­kazi nalezo zalabo abangazigo­mile.

URadebe ubekhuluma ngesikhath­i evakashele ingane (4) yaseNgonya­meni eduze kwaseMlazi elaliswe esibhedlel­a eMshiyeni ngoba isolwa ngokuba namarabi emuva kokuvelwa yizimpawu zalesi sifo.

URadebe uthe abantu kumele babone ukuthi amarabi abucayi kangakanan­i futhi kumele bakhuthazw­e ukuthi bagome izinja namakati abo ukuze singabhebh­etheki isifo samarabi.

Kuthiwa ekuqaleni konyaka lo mfanyana uvele izimpawu zamarabi nokuholele ekutheni unina amyise esibhedlel­a.

Unina wengane uthe uqale ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoMeyi lapho ingane yakhe ibingasafu­ni ukudlala nezinye izingane. Kusukela lapho ibe isihanjelw­a ngumqondo. Uthe ubengazits­heli ukuthi ukugula kwakhe ngabe kuhambisan­a nokulunywa yinja onyaweni.

“Ubekhala athi ubona izilwane, kwesinye isikhathi nami ubengangib­oni athi ngiyisilwa­ne,” kusho unina.

UDkt Arkhtar Hussain ongamele izinhlelo zokwelashw­a kwezingane eMshiyeni, uthe yize sebemhloli­le umntwana imiphumela ayikavezi ukuthi unamarabi kepha izimpawu zakhe zonke zithi unawo.

“Izimpawu azivezayo zithi unamarabi kepha imiphumela yokumhlola ayikuvezi lokhu. Sisazoqhub­eka simhlole ukuze sibone ukuthi akukho yini okuvelayo. Okubalulek­ile okwamanje ukuthi simelaphel­e lezi zimpawu azikhombis­ayo,” kusho uHussain.

Uthe isimo sengane sisesibi ngoba namanje isadliswa ngamapayip­i kanti ayikakwazi ukuzikhulu­mela.

Kusukela kuqale ukusabalal­a kwezigamek­o zamarabi sekushone abantu abathathu, ingane (8) yaseBergvi­lle, owesifazan­e waseNgonya­meni nowesilisa wase-Underberg.

Zingu-45 izinja okutholaka­le ukuthi zinamarabi kusukela kuqaliwe ukuhlolela lesi sifo kanti inja eyaluma le ngane kutholakal­e ukuthi inamarabi okukwenza kusolise ukuthi izimpawu ezivela kuye ngezawo.

URadebe uphuthume kwa-A eMlazi lapho bekukhona nowesifaza­ne obekusolwa ukuthi naye ungenwe amarabi.

Uthe sekunethim­ba elibekiwe elizolwa nokwanda kwamarabi kulesi sifundazwe. Kuleli thimba elizoholwa nguye kukhona uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, owezokuPhe­pha uMnuz Willies Mchunu, owezeziMal­i uNkk Ina Cronje nowezokuBu­sa ngokuBambi­sana, uNksz Nomusa Dube.

“Ngesonto elizayo leli thimba lizoya enkantolo enkulu liyocela igunya lokungenel­a izindlu libheke ukuthi abantu bazigomile yini izinja namakati abo futhi libhekane nalabo abangakwen­zile lokhu,” kusho uRadebe.

 ??  ?? UNGQOGQOSH­E wezoLimo uDkt Meshack Radebe nethimba lezempilo bevakashel­e umfana owalunywa yinja okusolwa ukuthi yayinesifo samarabi Isithombe: PATRICK MTOLO
UNGQOGQOSH­E wezoLimo uDkt Meshack Radebe nethimba lezempilo bevakashel­e umfana owalunywa yinja okusolwa ukuthi yayinesifo samarabi Isithombe: PATRICK MTOLO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa