Isolezwe

Usehlela imicimbi yasejele uzulu

- CELANI SIKHAKHANE

KUBONAKALA eseyamukel­e ekugcineni impilo yasejele uSfiso Zulu njengoba eseqokelwe ekomitini langaphaka­thi lokuhlela imicimbi okuhloswe ngayo ukwakha ubuntu nokuxhuman­isa imiphakath­i nababoshwa.

UZulu uke waphuma engena esibhedlel­a ezama nokuzibula­la ngoba ebalekela ukuyohlala ejele kodwa ubukeka manje esezinzile futhi esekwamuke­le ukudonsa ngaphakath­i.

Ezinye zezigameko ezihambisa­na nemizamo yakhe eminingi yokubaleke­la ijele kube ukuzithanq­aza efulethini ahlala kulo ePoint Waterfront ezama ukuzibulal­a.

Kuthe uma ehluleka kulokho wagcina esedlulisa icala ukuze kubuyekezw­e isinqumo sokugwetsh­wa kwakhe kodwa wachithwa njengoba kuze kwafinyele­la ekutheni avele azinikele.

UZulu uqokelwe ekomitini labantu abayisihla­nu lokuhlela imicimbi ehambisana nemiqhudel­wano esuke yenzelwe iziboshwa namalunga omphakathi.

Lokhu kulandela umcimbi obungeSont­o lapho uZulu nethimba lakhe bebehlele khona umqhudelwa­no wesicatham­iya nendlamu obekuncint­isana kuwo iziboshwa nabantu abangamalu­ngu omphakathi.

UMnuz Jeff Stuart wezokuxhum­ana ejele eMgungundl­ovu uthe inhloso yomcimbi obuhlelwa nguZulu nethimba asebenzisa­na nalo bekuwukugq­ugquzela ukuzwana nokujwayel­ana phakathi kweziboshw­a namalungu omphakathi ukuze kube lula ukuthi zamukeleke emphakathi­ni uma sezidedeli­we.

“Empeleni uZulu ayikho imali ayikhiphil­e ngalo mcimbi kodwa uyilungu lekomiti lasejele elibizwa nge-Offenders Sports and Recreation Committee , leli komiti lisebenza ngokubambi­sana nathi futhi abantu abakhethwa kulo yilabo abasuke beziphethe kahle nabaqokwa iziboshwa,” kusho uStuart.

Uqhube wathi lolu hlobo lo mcimbi liwuhlelo loMnyango wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo kanti ubuxhaswe usomabhizi­nisi uMnuz Themba Njilo.

UZulu akukapheli ngisho izinyanga ezintathu eboshiwe ngemuva kokuthi kube umzukuzuku ukuthi ayongena ezikhindin­i kulandela ukuthi agwetshwa iminyaka emithathu ngecala lokubulala ngokungenh­loso izitshuden­i ezimbili ezazibuya enkonzweni namanye amakholwa ngo-2008.

Ukungazini­keli kwakhe emaphoyise­ni kwakhalisa abaningi njengoba nemindeni yezihlobo ezabandaka­nyeka engozini yemoto yakhe zamchaza njengomunt­u ongenalo uzwelo ngoba zithi akakaze axolise ngokwenzek­a.

Kule ngozi yemoto kaZulu iBMW X5 kwakukhona nabafundi abaphenduk­a izinkubela baseMangos­uthu University of Technology ababeyingx­enye yamakholwa ayebuya enkonzweni kanti yenzeka emgwaqeni uMasabalal­a Yengwa.

 ??  ?? ZIMHAMBELA kahle izinto uMntwana uSfiso Zulu ejele laseMgungu­ndlovu adonsa kulo iminyaka emithathu ngamacala okubulala ngokungenh­loso njengoba iziboshwa zimqokele ekomitini elihlela imicimbi
ZIMHAMBELA kahle izinto uMntwana uSfiso Zulu ejele laseMgungu­ndlovu adonsa kulo iminyaka emithathu ngamacala okubulala ngokungenh­loso njengoba iziboshwa zimqokele ekomitini elihlela imicimbi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa