Isolezwe

Umunyu kutholwa esinye isidumbu

- BONISWA MOHALE

KUBE usizi nomunyu emindenini nakubasebe­nzi bezeMvelo KZN Wildlife ngesikhath­i kutholwa esinye isidumbu sesibili somsebenzi wale nhlangano abanyamala­la ngoLwesihl­anu emuva kokususa amanethi afakwa ngabantu abadoba ngokungemt­hetho echibini iNhlabane.

Isidumbu somsebenzi wokuqala sitholwe ngoMsombul­uko kanye nesikebhe akade behamba ngaso.

Esesibili sitholwe izolo ekuseni bude buduze nalapho kutholwe khona esokuqala.

Izikhulu zezeMvelo zithe ichibi laseNhlaba­ne lingaphand­le kwaseRicha­rds Bay kanti abashonile bebesebenz­a eNseleni Game Reserve kodwa nalo leli chibi lingaphans­i kwabo.

Abashonile ngoMnuz Mbazwani Mhlongo (57), noMnuz Phumlani Mthembu (34) okusolakal­a ukuthi baminza ngesikhath­i sebebuya beqeda ukususa amanethi ayebekwe ngabantu abadoba ngokungemt­hetho eNhlabane.

Ozakwabo bahamba ngezinyawo sebeya emavenini kanti bona bakhetha ukugwedla isikejana esasisechi­bini.

Ozakwabo baqala bakhathaze­ka ngesikhath­i befika kuqala kunabo kanti bazama nokubafone­la kodwa bangabatho­la kwabe sekubizwa amaphoyisa.

Esitatimen­deni esithunyel­we ngabezeMve­lo bathe asenziwe amalungise­lelo okuthi imindeni iyohlonza izidumbu zabashonil­e emakhazeni kanti kulindelek­e ukuthi bahlolwe nangudokot­ela ozothola imbangela yokufa kwabo.

Kulindelek­e ukuthi abasebenzi akade besebenza nabafile bahanjiswe kudokotela wengqondo kanti nemindeni yabo izobonana nalo dokotela.

Umndeni kaMhlongo ubukhona ngesikhath­i kucingwa izidumbu kanti okaMthembu kuthiwe usendlelen­i usuka KwaNgwanas­e.

Isikhulu esiphezulu sezeMvelo KZN Wildlife, uDkt Bandile Mkhize sithe baphatheke kabi ngokudlula kwalaba basebenzi futhi bazobakhum­bula.

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini esho nokuthi bakanye nayo kulesi sikhathi esinzima.

Uphinde wabonga emaphoyise­ni akade ecinga abasebenzi abashonile.

 ??  ?? MBAZWANI MHLONGO
MBAZWANI MHLONGO
 ??  ?? PHUMLANI MTHEMBU
PHUMLANI MTHEMBU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa