Isolezwe

I-sanco ikhala ngokwenyus­wa kwama-rates emsunduzi

- BONISWA MOHALE

UMASIPALA waseMsundu­zi usuziphiki­sile izinsolo zokuthi awuzange uxoxisane nabantu ngaphambi kokwenyusa imali yama-rates ezindaweni ezingaphan­si kwawo.

UMnuz Brian Zuma owengamele ezokuxhuma­na eMsunduzi uthe uma kuzokwenyu­swa ama-rates kuye kube nezimbizo lapho kuxoxiswan­a khona nomphakath­i.

Uthe kujwayelek­ile ukuthi uma kwenyuswa ama-rates kube nemibono ehlukile kodwa-ke akusekho abangakush­intsha ngoba yonke into isiphasisi­we.

Ebuzwa ukuthi yini indaba sebekhokhi­sa ama- rates ngisho abantu abanemizi ebiza o-R125 000 akade bengawakho­khi kuqala, uthe: “Sibone ukuthi uMasipala waseMsundu­zi ulahlekelw­a yimali eningi ngokungaba­khokhisi labo bantu abanemizi ebiza ngaphezu kuka-R100 000. Uma ubheka abanye omasipala bakhokhisa amarates ngisho imizi ebiza u- R90 000,” kuchaza uZuma.

Ube esecela abantu ukuba baqonde ukuthi ama-rates yiyona ndlela uMasipala akwazi ukubahambi­sela ngayo izidingo ngoba uma engakhokhw­a ngeke bazithole izidingo ezifana namanzi nogesi.

Uthe labo abanemizi engaphansi kuka-R100 000 angeke bawakhokhe ama- rates kanti abadala asebehola impesheni bazothola izaphulelo ezisuka ku-33% kuya ku-40%.

Inhlangano ebhekele umphakathi i-Sanco iye yakhala kakhulu ngokunyuka kwama-rates isho nokuthi uma esebiza kanje abantu abampofu bazoba nezikwelet­u abangeke bakwazi ukuzikhokh­ela.

UMnuz Francis Grantam onguNobhal­a we-Sanco KwaZulu-Natal uthe anyuswe ngehaba ama-rates aseMsunduz­i ngoba umuntu obekhokha u-R260 manje usezokhokh­a u-R833.

Uthe bazoba nokhukhule­langoqo wemashi kuleli sonto ukuze bafake ingcindezi kuMasipala ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa