Uzuma ugqugquzele inhlonipho
I-AFRICAN National Congress kumele izihlambulule emikhubeni emibi elokhu iqhamuka okumele iqedwe okuwukungaziphathi kahle kwamalungu, ukuxhaphaza amandla nesikhundla othunywe kusona, wukubuka umbutho njengethuluzi lokuzicebisa, ukukhohlakala, nokwehla kwezinga lokuhambisana nemigomo elawula umbutho.
Lokhu kube seqhulwini lenkulumo kaMengameli kaKhongolose uMnuz Jacob Zuma, yokuvula ngokusemthethweni ingqungquthela yesine kazwelonke yokudingida imigomo yombutho eqale izolo eGallagher Estate eMidrand, eGoli.
UZuma uthi uKhongolose usuzibonakalisile ukuthi uyaphila futhi yiwona othatha izinqumo zokugcina ngokuthi uthathe izinyathelo ezinqala kulabo abangaziphethe kahle. “Umhlangano wethu we-NGC owawuseThekwini ngo-2010 wakubeka kwacaca ukuthi kumele uKhongolose aqinise isandla ekuqikeleleni ukuziphatha kwamalungu awo noma ngabe wubani, ukuliphi izinga kumbe isikhundla. Sikwenzile lokhu futhi sisazoqhubeka sikwenze kulabo esibabona bephuma esandleni. Lokhu kuzosisiza ukucacisa ukuthi uma uyilungu likaKhongolose uhamba ngokwemigomo kaKhongolose kanjalo nokuqinisa isiko lokuziphatha ngendlela embuthweni ikakhulukazi njengoba sibheke engqungqutheleni ebalulekile yombutho ezinyangeni eziyisithupha eMangaung,” kusho uZuma.
Ngale kokwanda ngamazwi kumbe ukubalula amagama abantu asebeqondiswe izigwegwe kuKhongolose, kucacele noma ngubani ukuthi uZuma ukhuluma ngokuxoshwa kobenguMengameli wophiko lwentsha lwalo mbutho uJulius Malema, ukumiswa iminyaka emithathu kukaNobhala-Jikelele walolu phiko uSindiso Magaqa, kanjalo nokumiswa iminyaka emithathu kobengumkhulumeni walolu phiko uFloyd Shivambu, abatholwa benamacala okwephula imigomo kaKhongolose ngokudala uqhekeko, ukuqhathanisa uZuma nobeMengameli Thabo Mbeki, nokunye.
“Sibamba le ngqungquthela ngesikhathi lapho kuyikhulunyaka kwasungulwa uKhongolose, sigubha ubuholi beminyaka yango-1940 okwasungulwa ngayo izinhlaka ezibalulekile kuKhongolose okuwuphiko lwentsha nophiko lwabesifazane.
Isinqumo sokusungula lezi zinhlaka sasikahle kakhulu.”
UZuma unxuse izithunywa ukuba zisebenzise isiko likaKhongolose lokubonisana ngezinto kuze kube kufinyelelwa esivumelwaneni. Uthe kumele ingqungquthela idingide kabanzi umgomo nomgomo ophambi kwayo ngendlela elinganayo ngoba yonke ibalulekile. “Sinomthwalo wokuyibhekisisa kahle yonke le migomo ukuze uma sesiyethula engqungqutheleni eyoyibhabhadisa ezinyangeni eziyisithupha eMangaung, sibhabhadise into esizoziqhenya ngayo ezobeka leli lizwe phambili. Sikhumbule nokuthi esikwenza lapha asenzeli amalungu kaKhongolose kuphela kodwa senzela nabantu bakuleli ngoba singabaholi. UKhongolose uwona ohola abantu bakuleli njengoba kuyiwona owengamele uhulumeni,” kusho uZuma.