Isolezwe

Lihlehlile icala kosolwa ngokudlwen­gula

- BONGIWE ZUMA

LIHLEHLISE­LWE inyanga ezayo icala lomlisa osolwa ngokunukub­eza ingane yowesifaza­ne waseMlazi ahlekisana naye.

Umsolwa onguMnuz Linda Mtshali (26) zamkhalela ngenyanga ka-Ephreli kulandela ukuthi ugogo wengane (10) ohlala KwaMashu amvulela icala emaphoyise­ni njengoba esola nokuthi unina wengane ubenolwazi ngalokhu kodwa engaphumel­i obala.

Kuthiwa uMtshali ngaphambi kokuba aboshwe ubesenesik­hathi eside ezitika ngokudlwen­gula le ngane kodwa isaba ukusho emndenini.

Kuthe ngesikhath­i ugogo ezovakasha ngelinye ilanga wezwa zikhuluma zodwa izingane zithi akatshelwe ugogo ukuze nale ngane isizakale nokuholele ekutheni athinte amaphoyisa ngokushesh­a lo gogo.

Amaphoyisa aseBhekith­emba amvulela icala lokudlweng­ula ambopha wabe esevela eNkantolo kaMantshi eMlazi izolo kodwa labe selihlehli­swa leli cala.

Ngasekuqal­eni kwalenyang­a leli phephandab­a labika ngosizi le ngane ebhekene nalo kulandela ukudlwengu­lwa izikhawu eziningi yilo mlisa oyisoka likanina kanjalo nokukhatha­zeka kwamalungu omndeni ngalesi senzo.

Ugogo wengane (65) ongeke adalulwe igama lakhe ngenxa yokuvikela ingane unokukhath­azeka okukhulu ngomzukulu wakhe futhi uthi ufisa abolele ejele lo mlisa.

“Ngiyajabul­a njengoba egcinwe esitokisin­i lo mdlwenguli futhi ukuba kuya ngokwami ngabe uyagwetshw­a, abolele ejele kuze kuphephe nezinye izingane ezisakhula.

Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukusiza umzukulu wami akhohlwe nayilesi senzo,” kusho ugogo.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athe leli cala lihlehlise­lwe uJulayi 19 ngenxa yokuthi kusenziwa uphenyo olunzulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa