Isolezwe

Kuxabene ubendle kumalungu E-NFP

- CELANI SIKHAKHANE

SEBEJIKELE­NE bodwa abaholi beNational Freedom Party ngenxa yokungezwa­ni osekuholel­e ekutheni kubekhona abasengcup­heni yokuxoshwa ngoba besolwa ngokuthint­eka etulweni lokuketula uMengameli waleli qembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

Laba baholi okungoNkk Bongiwe Gwala noNkk Angel Mthembu kuthiwa babuye basolwe ngokuthint­eka ekusungulw­eni kweqembu okukholaka­la ukuthi lihlubuka ku-NFP ngenxa yokuthi abeneme ngokaMagwa­za-Msibi nobuholi bakhe.

Le nkinga kuthiwa yiyona eholele ekutheni ubuholi beqembu buxoshe uMnuz Muzi Nyandeni obengusihl­alo we-NFP eThekwini.

“Ngenxa yale nkinga nokuziphat­ha kwalaba baholi kugcine sekuthathw­a isinqumo sokuthi kumele bakhishwe ebukhansel­eni komasipala ukuze kubonakale ukuthi kungena bani. Ngaphandle kwalokho udaba lwabo luqale eMgungundl­ovu lapho okwakukhet­hwa khona ubuholi bukazwelon­ke nalapho baqala khona ukukhala ngoba bengabafun­i abantu abakhethwa kuleyo ngqungquth­ela eyayingoDi­semba,” kusho umthombo.

UNkk Gwala ngesikhath­i ethintwa, uthe bake banxusa iqembu ukuthi libanikeze ubufakazi obubambeka­yo ngalezi zinsolo abahlangan­iswa nazo kodwa behluleka.

“Thina singabantu bokuqala abaphumela obala ku-IFP ukweseka uMengameli nokwaze kwaholela ekutheni sixoshwe. Saphinde saba ngabokuqal­a ababephamb­ili ngesikhath­i kusungulwa i-NFP ngakho kuyethusa ukuthi kungathi sesiwe sivuka noZanele bese simjikela,” kusho uNkk Gwala.

Uthe inkinga ekhona ukuthi kunabantu abafike kamuva sekulunge konke kule nhlangano abafuna ukuyibulal­a futhi abafuna ukubona okaMagwaza-Msibi esesele yedwa ukuze bakwazi ukumjikela kahle.

UNkk Mthembu naye osolwayo uthe amanga akule nhlangano asexaka ngisho uMengameli wayo uqobo ngoba sekuhlale kusolwana.

Uthe useke wazama nokuthola imininingw­ane yaleli qembu abamatanis­wa nalo kodwa wathola ukuthi lasungulwa kudala ngaphambi kwe-NFP umuntu waseMajuba amgagule nangegama lakhe.

Eqhuba uthe yena akasazibon­i egcogcoma namaqembu ezombusazw­e ngoba usemdala okusho ukuthi uma ephuma ku-NFP uyobe esezihlale­la phansi ekhaya.

UNobhala we-NFP KwaZulu-Ntala uMnuz Vusi Khoza, uthe kunomhlang­ano abazoba nawo njengobuho­li besifundaz­we ukuze balungise udaba lwaseThekw­ini kodwa azikho izinqumo ezithathiw­e zokuxosha laba baholi abangamakh­ansela kuMasipala weTheku.

Uveze ukuthi udaba lwetulo nokuthi bathinteka kwenye inhlangano baluzwile kodwa lungamahle­bezi abangeke bawanake ngoba akukho okuqondile asebeke bakuthola kabanzi .

Uthe uNyandeni bamxosha ngoba waba nokungazip­hathi kahle waphula nemigomo yeqembu kanti akasavumel­ekile ukuba ekhulume egameni le-NFP.

 ??  ?? ABAHOLI be-NFP uNkk Angel Mthembu noNkk Bongi Gwala abasolwa ngokungaha­mbisani nobuholi be-NFP nangetulo lokuthi kuchithwe uNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuze angakwazi ukuphatha iminyaka eyishumi ehola le nhlangano. Bobabili bayazichit­ha lezi zinsolo...
ABAHOLI be-NFP uNkk Angel Mthembu noNkk Bongi Gwala abasolwa ngokungaha­mbisani nobuholi be-NFP nangetulo lokuthi kuchithwe uNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuze angakwazi ukuphatha iminyaka eyishumi ehola le nhlangano. Bobabili bayazichit­ha lezi zinsolo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa