Selusenkantolo elokubulawa kwezifiki
BAZOVELA namuhla eNkantolo eMgungundlovu abasolwa abayisithupha ababhekene necala lokubulala abakufika kuleli ababili.
Laba basolwa baboshwe ngoMsombuluko kanye nababili abangaphansi ngeminyaka emuva kwesehlakalo sangeSonto lapho kubulawe khona ababili abadabuka eBurundi naseMalawi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe abasolwa ababili abasebancane bavele enkantolo equla amacala ezingane izolo.
“Abanye abayisithupha bazovela kusasa (namuhla),” echaza. Babekwe icala lokubulala u-Ali Mkhuluziza (41) waseBurundi no-Aiwalie Saineti (29) waseMalawi ngokubagwaza esifubeni nasemhlane.
Babekwe nawokuzama ukubulala abane ababehamba nalaba abashonile, ukucekela phansi impahla nokushaya.
Owesifazane ozinikele emaphoyiseni ngalawa macala kuthiwa uphoswe imibuzo wabe esededelwa.
Kuthiwa uMkhuluziza wayehamba nabangani bakhe abayisikhombisa bephuma edolobheni belibangise eMpumelelo, eFrance ngesikhathi befelwa yimoto ngeSonto entathakusa.
Kuthiwa kwaqhamuka indoda thize yabasabisa, yahamba, emuva kwesikhashana yabuya isihamba nequlu elaqala lalimaza imoto bangenelela kuMkhuluziza nabangani bakhe bebashaya bebagwaza. Babe sebebaleka behlakazeka.
Isidumbu sikaMkhuluziza sitholwe eduze komunye umuzi abethi ubalekela kuwo, esikaSaineti satholwa ngasehlathini elingalapho babehlaselwa khona.
Abanye ababehlaselwa bathuthelwa esibhedlela, abanye bangalimala.