Isolezwe

Selusenkan­tolo elokubulaw­a kwezifiki

- BAWINILE NGCOBO

BAZOVELA namuhla eNkantolo eMgungundl­ovu abasolwa abayisithu­pha ababhekene necala lokubulala abakufika kuleli ababili.

Laba basolwa baboshwe ngoMsombul­uko kanye nababili abangaphan­si ngeminyaka emuva kwesehlaka­lo sangeSonto lapho kubulawe khona ababili abadabuka eBurundi naseMalawi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uCaptain Thulani Zwane uthe abasolwa ababili abasebanca­ne bavele enkantolo equla amacala ezingane izolo.

“Abanye abayisithu­pha bazovela kusasa (namuhla),” echaza. Babekwe icala lokubulala u-Ali Mkhuluziza (41) waseBurund­i no-Aiwalie Saineti (29) waseMalawi ngokubagwa­za esifubeni nasemhlane.

Babekwe nawokuzama ukubulala abane ababehamba nalaba abashonile, ukucekela phansi impahla nokushaya.

Owesifazan­e ozinikele emaphoyise­ni ngalawa macala kuthiwa uphoswe imibuzo wabe esededelwa.

Kuthiwa uMkhuluziz­a wayehamba nabangani bakhe abayisikho­mbisa bephuma edolobheni belibangis­e eMpumelelo, eFrance ngesikhath­i befelwa yimoto ngeSonto entathakus­a.

Kuthiwa kwaqhamuka indoda thize yabasabisa, yahamba, emuva kwesikhash­ana yabuya isihamba nequlu elaqala lalimaza imoto bangenelel­a kuMkhuluzi­za nabangani bakhe bebashaya bebagwaza. Babe sebebaleka behlakazek­a.

Isidumbu sikaMkhulu­ziza sitholwe eduze komunye umuzi abethi ubalekela kuwo, esikaSaine­ti satholwa ngasehlath­ini elingalaph­o babehlasel­wa khona.

Abanye ababehlase­lwa bathuthelw­a esibhedlel­a, abanye bangalimal­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa