Isolezwe

Kusolwa amasela ngebhuloho eliwile

- INTATHELI YESOLEZWE

UMASIPALA weTheku usola amasela abefuna ukuthola izinsimbi ngokudilik­a kwebhuloho elisemfule­ni uMngeni ngasebhish­i eBlue Lagoon.

Ngokusho kukaMnuz Carlos Esteves obhekele ezemigwaqo kuMasipala weTheku, ngamasela abefuna izinsimbi abe nomthelela ekutheni kuwe ibhuloho.

Uthe lezi zinsimbi yizona ebezibambe ukhonkolo odilikile kanti ukususwa kwazo kudale ukuthi ukhonkolo usale ungenayo indawo yokubambel­ela.

Uqhube wathi ucwaningo lwabo aluvezi inkinga ekwakhiwen­i kwebhuloho nokuthi ubudala balo cishe yibona obenze ladilika kodwa okucacayo wukuthi ukususwa kwezinsimb­i yikhona okuliwisil­e. NgoMsombul­uko Isolezwe labika ngaleli bhuloho eliwile.

Ube esecacisa ukuthi amanye amabhuloho awekho engcupheni ngoba izinsimbi zawo zimbozwe ngokhonkol­o.

Uthe abazi ukuthi amasela abefuna lezi zinsimbi angene kanjani ngoba le ndawo ibivaliwe kodwa-ke ngokuzayo bazomboza konke okusansimb­i emabhulohw­eni.

Uthe kuzothatha isikhathi esingangon­yaka ukulungisa indawo edilikile kuleli bhuloho.

Lokhu uthe kudalwa wukuthi mkhulu umsebenzi owenziwayo ngaphambi kokwakha ibhuloho.

 ??  ?? UMASIPALA uthi ngamasela antshontsh­a izinsimbi adale ukuthi kuwe ibhuluho laseMngeni
Isithombe: SANDILE NDLOVU
UMASIPALA uthi ngamasela antshontsh­a izinsimbi adale ukuthi kuwe ibhuluho laseMngeni Isithombe: SANDILE NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa