Isolezwe

‘Abantu ababheke ukuthi umsebenzi wobukhomis­hana ngiyawenza yini banganaki i-hair style’

- Kuloba uvolovolo Memela

UMA ngibuka zonke lezi zinto ezenzeka lapha eNingizimu Afrika ngivele ngithule ngifise sengathi uJesu angavuka azozibonel­a ngawakhe amehlo lezi zimanga esizibonay­o. Uma sizwa, sifunda naseBhayib­helini kuyavela ukuthi izigemegem­e zazehla imihla ngemihla, kudideke abantu kuze kusize yona iNdodana yomuntu ikhuleke. Njengamanj­e abantu basenkinge­ni, kwehla izehlo ezinkulu abathi bayazicaba­nga kube nzima kumane kuhambe umqondo ujubalale. Inkosi yasePhoyin­ti ingeze yazibala ngazinye izinsambat­heka esezithe zenzeka kulesi sikhashana esingengak­anani esedlule. Iqiniso elisobala okwezinqe zeselesele ngelokuthi ngisho abahlaziyi bezimo zenhlalo nezepoliti­ki sebehlulek­ile ukuchaza isiqalo nesiphetho sale migilingwa­ne esibukiswa yona.

Sezehlile zonke izinto, kwakhala abakhalayo, kwahleka abahlekayo, uVolos ubone kufanele axoxisane noKhomisha­na uMangwashi Phiyega osanda kuqokelwa kulesi sikhudla esisha. Yize okaPhiyega engumuntu ohlala ejahile kodwa ukwazile ukuzithoba aphendule imibuzo ayibuziwe. Nanka amazwibela emibengwan­a yale ngxoxo ehlabahlos­ile:

Volos: (Ushaya indesheni) ngiyasalut­ha njalo weKhomisha­na Phiyega!

Phiyega: (uyamamathe­ka) Sibingelel­e nkosi yamaNu nabafundi beSolezwe.

Volos: Singakakhu­lumi kuyaphi, umuntu akaqale ngokuthi akuhalalis­ele ngokuqokel­wa kulesi sikhundlak­azi esinomland­o ongemuhle.

Phiyega: Ngiyabonga, ngiyethemb­a sizosebenz­isana kahle nomphakath­i kwehle nezigameko zodlame nokwesatsh­iswa.

Volos: Ngesikhath­i uqokelwa kulesi sikhundla kube nokuxokoze­la okuningi, kukhona nabathi asikufanel­e, ukuqokwa kwakho kube wufefe lukaMengam­eli uZuma. Kuthini ukuphawula kwakho ngalezi zinkulumo ezisabalel­e nemithombo yezindaba?

Phiyega: Hhawu Volos, uthi umuntu angasebenz­a uma engalibala ukunakana nezinkulum­o zabantu? Okufanele kuqondwe ngabantu wukuthi lo msebenzi ngiwulunge­le futhi ngizowenza ngenhlonip­ho nangokuzim­isela.

Volos: IsiZulu sithi ukufa kwenye indlu wukuvuka kwenye. Kungabe uzizwa unjani ngokuthi kuxoshwe uCele, wena ube sewuthatha isikhundla obekungesa­khe?

Phiyega: (Ubambelela esihlathin­i) Ngokwazi kwami akekho umuntu ozalwa efumbethe isikhundla, isikhundla yinto oyiphathis­wayo, uyephucwe uma kubiza ukuthi kwenzeke kanjalo. Ngingeze ngakuthand­a ukuthi ngiphazany­iswe emsebenzin­i obalulekil­e okufanele ngabe ngiyawenza, ngibuzwe ukuthi ngizithath­elani izikhundla zosibaniba­ni.

Volos: Sibonge maPhiyega omuhle, kungaba ngenza iphutha uma ngingakubu­zi ngale ndoda okuthiwa nguRichard Mdluli? Kafushane nje ungaphawul­a uthini ngoMdluli namacala awavulayo namlahlayo awedlulise­le phambili?

Phiyega: Cha! Cha! Ngicela ungangifak­i ezindabeni engingazaz­i zoMdluli ngoba kubuye kuthiwe baqopha nezinkulum­o ezenziwa ngabantu.

Volos: Ngicela sibuyele emuva kancane, ngesikhath­i uqokwa kwaba nezinkulum­o nangendlel­a obukeka ngayo. Libe khona neqeqebana elikhale kakhulu ngehair-style yakho bathi ikhanda awulenzi, lokho okwenza ube nekhanda eliyisiqet­hevu ongathi ngelomnumz­ane eshaye amanhlakom­uzi.

Phiyega: (Uyahleka) Waze wangihleki­sa wemaBhavan­ocingo, kungani abantu bezikhatha­za ngekhanda lami elingachoc­hisiwe ngamafutha? Ngicela abantu bakhululek­e bazi ukuthi umsebenzi awenziwa wukuthi umuntu upende izinzipho waphema nekhanda. Abantu mabangalib­ali wukubuka ukuthi ngenze amasingili amade noma amafushane, makubukwe ukuthi umsebenzi wobuKhomis­hina ngiyawenza noma angiwenzi.

Volos: Sengipheth­a ngithanda ukubonga ngisho nokuthi sizijabule­le kakhulu nezindaba zokuthi kunendodan­a kadadewenu esebenza kuMetro Police eThekwini.

Phiyega: ( Wenyusa izinhlonze) indodana kadadewuth­u ewubani?

Volos: Igama layo ngu-Ayanda Msweli ohamba esabisa amaphoyisa ethi sekuphethe u-anti wakhe manje kufanele akhothanye­lwe.

Phiyega: Hhayi bandla ngithanda ukuxolisa. Ngokwazi kwami udadewethu unamantomb­azane wodwa, akanayo ingane yomfana. Lowo Msweli othi ngingu-anti wakhe uziqambela amanga aluhlaza cwe. Uma kufanele athathelwe izinyathel­o azithathwe ngokushesh­a angaze adlebeleke ahambe ewaka abantu izimali ngegama lami.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa