Ukubulawa kwabokufika akuzixazululi izinkinga
ULEZI zinsuku ezimbalwa ezedlule sike sabika ngezigameko ezihlasimulisa umzimba ezithinta ukuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli kungakhathelekile ukuthi bahlala kuphi nezwe lethu.
Lokhu kuhlaselwa kwabo akuyona into esingaziqhenya ngayo kodwa yinto eveza ihlazo lokungabekezelelani kwama-Afrika ezweni lawo. Ukuhlaselwa kwabo akwehlukile kulolu dlame olwake lwabakhona kuleli phakathi komnyama nomnyama ngeminyaka yama-90s.
Akumele sibuyele kule ngozi engcolisa umlando wezwe ngale ndlela. Abantu bokufika bayefana nje nathi, awukho nomncane umehluko ngoba sizalelwe ezwenikazi elilodwa. Empeleni nje uma sizehlisa kuningi esingakufunda kubo ngoba iningi labo linamakhono futhi likhuthele kukho konke elikwenzayo. Abaningi babo bangabantu abakwaziyo ukuzidalela amathuba emisebenzi ngokuqala ngokwakha okuncane bagcine sebenokukhulu.
Yebo bakhona laba abahlanganiswa nezenzo ezimbi zokushushumbiswa kwabantu besifazane abanye babo beshushumbiswela ucansi nezidakamizwa. Uma bekhona esibaziyo abenza lobu bubi okwethu wukubika kwabomthetho ukuze kube yiwo obehlulelayo.
Oshicilelweni lwethu lwayizolo sibike ngodaba olubuhlungu kabi lowesifazane waseZimbabwe oneminyaka engu-31 odlwengulwe yiqulu lamadoda eMapetla, eSoweto. Kulo futhi lolu shicilelo besinodaba
Klokuboshwa kwabantu abayisishiyagalombili eMgungundlovu beboshelwa amacala okubulawa kwabantu ababili bokufika baseBurundi naseMalawi. Abanye bokufika bahlaseliwe balimala kuso lesi sehlakalo.
Isikhathi esiningi babulawelwa ukukhuthala kwabo nokuvula izitolo. Baye bakhale abanye bakuleli ngokuthi izitolo zalaba bokufika zidayisa izinto ngentengo ephansi okuyinto elimaza izitolo zabantu bakuleli. Uma lokho kuyinkinga asikholwa wukuthi ukubulala laba bantu yikhona okuzoletha isixazululo.
Osomobhizinisi sibazi bengabantu abakwaziyo okuxoxisana ngamaqhinga okudayisa abasuke bekudayisa hhayi ukubulalana. Kuyoba kuhle uma singaholwa yibo osomabhizinisi emkhankasweni wokuqedwa kwale nzondo nokucwaswa kwalaba bantu ngabanye bethu.
Okukhulu esikubona kuyoletha isixazululo kulolu daba wukusondelana kwama-Afrika axoxe ngezinkinga zawo, hhayi ukusebenzisa udlame ngoba lona ngeke luyise leli lizwekazi lethu phambili. Uma kukhona abokufika abanekhono lokwenza okuthile thina esingakwazi ukukwenza lokho esingakwenza wukusondela kubo sifunde ukuze kukhule konke lokho esizama ukukuphemba.
Ukubulawa kwabokufika akusoze kwaxazulula izinkinga kodwa kuyozandisa kunciphe namathuba okufundisana okuningi esisadinga ukufundisana khona singamaAfrika.