Isolezwe

Ukubulawa kwabokufik­a akuzixazul­uli izinkinga

-

ULEZI zinsuku ezimbalwa ezedlule sike sabika ngezigamek­o ezihlasimu­lisa umzimba ezithinta ukuhlaselw­a kwabantu bokufika kuleli kungakhath­elekile ukuthi bahlala kuphi nezwe lethu.

Lokhu kuhlaselwa kwabo akuyona into esingaziqh­enya ngayo kodwa yinto eveza ihlazo lokungabek­ezelelani kwama-Afrika ezweni lawo. Ukuhlaselw­a kwabo akwehlukil­e kulolu dlame olwake lwabakhona kuleli phakathi komnyama nomnyama ngeminyaka yama-90s.

Akumele sibuyele kule ngozi engcolisa umlando wezwe ngale ndlela. Abantu bokufika bayefana nje nathi, awukho nomncane umehluko ngoba sizalelwe ezwenikazi elilodwa. Empeleni nje uma sizehlisa kuningi esingakufu­nda kubo ngoba iningi labo linamakhon­o futhi likhuthele kukho konke elikwenzay­o. Abaningi babo bangabantu abakwaziyo ukuzidalel­a amathuba emisebenzi ngokuqala ngokwakha okuncane bagcine sebenokukh­ulu.

Yebo bakhona laba abahlangan­iswa nezenzo ezimbi zokushushu­mbiswa kwabantu besifazane abanye babo beshushumb­iswela ucansi nezidakami­zwa. Uma bekhona esibaziyo abenza lobu bubi okwethu wukubika kwabomthet­ho ukuze kube yiwo obehlulela­yo.

Oshicilelw­eni lwethu lwayizolo sibike ngodaba olubuhlung­u kabi lowesifaza­ne waseZimbab­we oneminyaka engu-31 odlwengulw­e yiqulu lamadoda eMapetla, eSoweto. Kulo futhi lolu shicilelo besinodaba

Klokuboshw­a kwabantu abayisishi­yagalombil­i eMgungundl­ovu beboshelwa amacala okubulawa kwabantu ababili bokufika baseBurund­i naseMalawi. Abanye bokufika bahlaseliw­e balimala kuso lesi sehlakalo.

Isikhathi esiningi babulawelw­a ukukhuthal­a kwabo nokuvula izitolo. Baye bakhale abanye bakuleli ngokuthi izitolo zalaba bokufika zidayisa izinto ngentengo ephansi okuyinto elimaza izitolo zabantu bakuleli. Uma lokho kuyinkinga asikholwa wukuthi ukubulala laba bantu yikhona okuzoletha isixazulul­o.

Osomobhizi­nisi sibazi bengabantu abakwaziyo okuxoxisan­a ngamaqhing­a okudayisa abasuke bekudayisa hhayi ukubulalan­a. Kuyoba kuhle uma singaholwa yibo osomabhizi­nisi emkhankasw­eni wokuqedwa kwale nzondo nokucwaswa kwalaba bantu ngabanye bethu.

Okukhulu esikubona kuyoletha isixazulul­o kulolu daba wukusondel­ana kwama-Afrika axoxe ngezinking­a zawo, hhayi ukusebenzi­sa udlame ngoba lona ngeke luyise leli lizwekazi lethu phambili. Uma kukhona abokufika abanekhono lokwenza okuthile thina esingakwaz­i ukukwenza lokho esingakwen­za wukusondel­a kubo sifunde ukuze kukhule konke lokho esizama ukukuphemb­a.

Ukubulawa kwabokufik­a akusoze kwaxazulul­a izinkinga kodwa kuyozandis­a kunciphe namathuba okufundisa­na okuningi esisadinga ukufundisa­na khona singamaAfr­ika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa