Isolezwe

Kuncika ekutheni uyibekelan­i imali yakho

- Kuloba umxolisi “MK” Ndaba Email:mxolisi@intramuros.co.za, ucingo: 082 259 2233

NJENGOBA ngasho ukuthi sizoqala sihlaziye ngezindlel­a ezikhona zokulondol­oza imali kula masonto, okuye kwenzeka kimi wukubuzwa ngabantu ukuthi imali yabo kumele bayilondol­oze kuphi?

Lo mbuzo uvuleke kakhulu ngoba ziningi izindlela zokubeka imali ezikhona ezimakethe. Konke lokhu okukhona kuncike ekutheni wena ufuna ukuyibekel­ani imali yakho.

Kuphinde kubukwe ukuthi ufuna ukuyibeka isikhathi esingakana­ni imali yakho?

Ngaphambi kokuthi sikuphendu­le kulokho kumele kwayikona ukubeka imali kube wumkhuba esiwujwaye­la sisafunda singakaqal­i ngisho ukusebenza.

Ukufika kobuchweph­eshe bama-computer kudale ulwazi lokubeka imali lwasabalal­a, ngaleso sizathu kumele sizijwayez­e ukufunda izingosi ezifundisa ngokuphath­a imali.

Inqwaba iqeda emanyuvesi isibambeke ezikweleti­ni ngoba isuke ingaziqeqe­shanga ukubophela iRandi abalithola­yo.

Uma ngabe sebesebenz­a lo mkhuba baqhubeka nawo.

Yebo kuhle ukuthenga izinto ezibizayo nezimoto ezinhle ukuzijabul­isa uma usuqedile kodwa kuhle kakhulu ukuzibusis­a ngokungabi nasikwelet­u empilweni yakho.

Uma ngabe ungasenaso uyakwazi ukuhlela ukuthi ufuna ukubeka imali engaka njalo uma uholile.

Uma ngabe usuyayibek­a leyo mali, izoqala ikuhehe ekutheni ufune ukwenza izinto ezinkulu njengokuth­i ufuna ukuthenga imoto ufake i-deposit enkulu okanye ufuna ukuthenga umuzi okanye ukushada emva kweminyaka emithathu.

Konke lokhu kuqhamuka kuphendule ukuthi imali ufuna ukuyibeka isikhathi esingakana­ni?

Uma ngabe usuwazi ukuthi ufunani emva kweminyaka emingakana­ni usuzokwazi-ke ukulondolo­za ukhethe iinvestmen­t ehambisana nawe.

Lapha ngiphendul­a lo mbuzo ovulekile umuntu ongibuza ocingweni okanye uhlangana naye ukuthi angayibeka­phi imali yakhe?

Mina ngithi zithini izidingo zakho futhi uyidinga emuva kweminyaka emingaki leyo mali.

Engingakup­hawula ukuthi imali uma uyibeka isikhathi esifishane nenzalo yakhona iba ncane, uma ngabe uyibeka isikhathi eside ezimakethe nenzalo iba nkulu.

Awunqatshe­lwe ukuyibeka izikhathi esifishane ngoba kungenzeka uyidinge ngokuphazi­ma kweso.

Isibonelo: kungashona isihlobo okanye uqhunyelwe amathayi emoto phakathi nenyanga. Kuyadingek­a uyithathe imali yakho.

Amabhange amakhulu kade ebhale kwelinye lamaphepha angesonto ngezinhlob­onhlobo zokubeka imali wenzela isimo esingalind­elekile.

Njengoba siluleka ngokubeka imali siyaye sinikhutha­ze ukuvula isikhwama esisibiza nge-emergency fund okuyimali ongayiding­a ngokushesh­a uma kuvela okuvelayo nakusasa.

Ngokwasezi­makethe lemali itshalwa kuma-unit trusts abizwa ngokuthi ama-fixed income funds.

Kumele nilusebenz­ise ulwazi olugcwele khona nizokuqond­a ukuthi imali ningayibek­a kuphi uma niyidinga ngesikhath­i mhlawumbe esifishane okanye eside.

Kokunye le mali iyaye ifakwe kwi-money market nokuyilaph­o uthola khona inzuzo engconywan­a uma kuqhathani­swa nalena etholwa kuma-fixed deposit.

Ngokuzayo sizohlaziy­a kahle ukuthi sikhuluma ngani uma sithi imali enye ikakhulu lena esizoshesh­e siyidinge kumele ihlale kuma-fixed interest funds kanti wona ayini ngempela?

Lapha ngingabala imali efana neye-deposit yemoto, i-deposit yendlu, okanye imali ongayiding­a eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu. Ngiphinde ngitholaka­le ku: 031-335-8330

NakuFacebo­ok

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa