Isolezwe

Kuhlelwe ikhonsathi yowokholo ejesus Dome

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBISA abantu baKwaZulu Natal namaphethe­lo into yamehlo uVeliswa Skeyi ozobe engomunye wabaculi abazobe benandisa emcimbini ohlelwa indodakazi kaMdu Ngcobo weTouch Africa uWanita.

Lo mcimbi womculo wokholo ozoba ngoLwesihl­anu eJesus Dome uzoqala ngo-7.30 kusihlwa uzobe ubophele abaculi abangacons­i phansi emculweni wokholo.

UVeliswa uthe ujabule kakhulu ukuthi aphinde athole ithuba lesibili lokuthi azonandisa emcimbini osuke ukulesi sifundazwe.

“Ngithokoze kakhulu njengoba nginabalan­deli kulo lonke elakuleli kodwa angijwayel­e ukuculela abalandeli bami baseKZN,” kusho uVeliswa.

UWanita ohlela lo mcimbi uthe konke sekumi ngomumo okumchaza kakhulu ukuthi amathikith­i ahamba kahle kumacomput­ickets.

“Umuntu ongakalith­engi ithikithi akaphuthum­e ngoba adayiswa ubuthaphut­haphu,” kusho uWanita.

Le khonsathi okungeyoku­qala ukuhlelwa ile ndodakazi kaMdu ibizwa ngokuthi, iGospel In You Concert.

Le khonsathi izobe ibophele abaculi asebezakhe­le igama endimeni yomculo okungabalw­a kubona oHlengiwe Mhlaba, Sfiso Ncwane, Lusanda Spiritual Group, Veliswa noThabile Myeni.

UWanita uthe ukhethe ukwenza ikhonsathi yowokholo ngoba akafuni ukubangisa ubaba wakhe ezintweni azenzayo.

Uthe okumenze wagxila kakhulu kubaculi bangaphand­le kwesifunda­zwe saKwaZulu Natal, yingoba babagcina ukubabuka komabonaku­de bangasitho­li isikhathi sokuthi beze kubo.

 ??  ?? UVELISWA Skeyi othathwe ehamba nomyeni wakhe uZanedinga uzobe enandisa emcimbini ohlelwa uWanita Ngcobo. Lo mcimbi uzoba ngoLwesihl­anu eJesus Dome eThekwini
UVELISWA Skeyi othathwe ehamba nomyeni wakhe uZanedinga uzobe enandisa emcimbini ohlelwa uWanita Ngcobo. Lo mcimbi uzoba ngoLwesihl­anu eJesus Dome eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa