Isolezwe

Kuzofiwa imetro Sunday Session ecoastland­s

- SIZWE BLOSE

UMSAKAZO wakwaSABC ongenisa inzuzo iMetro FM ihlele indumezulu yomcimbi ozokuba seCoastlan­ds Hotel ngoJulayi 8.

USiyanda Tshabalala odume ngoDJ Siyanda nokunguyen­a ohlela lo mcimbi uthe abantu abaningi kudala bembuza ukuthi kanti u-Eddie Zondi, Wilson Nkosi noPaul Mtirara bavakashel­a izindawo ezinjani njengoba nabo bethanda ukuthi bazobadlal­ela izingoma zothando la eThekwini. Laba basakazi sebezakhel­e olukhulu udumo ngento abayibiza ngeMetro FM Sunday Sessions, bathi uma beqeda e-studio bavakashel­e izindawo ezehlukahl­ukene lapho befike badlale bukhoma umculo abawudlala ezinhlelwe­ni zabo.

“Ngihlangan­e nala madoda ngabuza ukuthi kukhona yini esingakwen­za kuleli dolobha ngoJulayi 8, zathi zonke zizobe zikhona, futhi zingakutho­kozela kakhulu ukudlalela abantu bakuleli dolobha,” kusho uDJ Siyanda naye osebenza kulo msakazo.

Uthe ngaphandle kwalaba basakazi kuzokuba khona u-Ismael Ibrahims nabanye boDJ abasuka kulesi sifundazwe. UDJ Siyanda ozobe edlala naye uthe kuzoqala zona lezi zinkunzi ngomculo wothando opholile, kuzothi uma sekuhlwa sibe sesinyuka isigqi njengoba kuzongena oDJ abaziwa ngokudansi­sa abathandi bobumnandi.

Uphethe ngokuthi kuzoba mnandi kakhulu kulo mcimbi okuzongenw­a kuwona ngo-R150.

“Okubalulek­ile ukuthi kuzoshiswa nenyama, abantu bangazihlu­phi ngokuphath­a iziphuzo zabo ngoba zizobe zikhona,” kusho uDJ Siyanda othe ngalo mcimbi bazokube bezama nokuthoba izidubulo zomjaho wamahhashi.

 ??  ?? UDJ Syanda weMetro FM ohlanganis­a umcimbi owaziwa ngeSoul Sessions ozokuba seCoastlan­ds Hotel eMhlanga Isithombe:
SANDILE MAKHOBA
UDJ Syanda weMetro FM ohlanganis­a umcimbi owaziwa ngeSoul Sessions ozokuba seCoastlan­ds Hotel eMhlanga Isithombe: SANDILE MAKHOBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa