Isolezwe

Baphoxekil­e ngokuhlelw­a kowogu Jazz

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGEKE aphinde alubhade kuGu Jazz Festival umculi waseThekwi­ni ongaconsi phansi kwabaningi, uZakes Bantwini ngenxa “yokungahle­leki” kwayo.

Lokhu kushiwo yimenenja yalo mculi, uLindani Mngoma, othe kumele kushintshw­e inkampani ehlela lo mcimbi, iCyassound Events kaSiya Msomi.

USiya uvumile kwiSolezwe ngoLwesibi­li ukuthi izinto azihambang­a njengoba bebehlelil­e ngenxa yesiminyam­inya sezimoto, kanye nemvula ebina izikhawu.

UMngoma uthe bekumele bangene esiteji ngo-3 entathakus­a lapho ababezocul­a khona ihora lonke kodwa baze bafakwa ngo-6 ekuseni kwathiwa abashaye ingoma eyodwa bese kuyavalwa.

“Lokhu kwasenza sabukeka kabi ngoba abantu abazange batshelwe ukuthi kwenzekani ngakho babona sengathi siyabaqola. Akukhona okokuqala ngoba nanyakenye kwenzeka esifanayo.

“Engingakus­ho wukuthi ngeke sisawuthat­ha sisaya kocula laphaya uma kuseyilaba bantu abayihlela­yo ngoba ekugcineni sibukeka kabi kubathandi bomculo ngoba bona basuke bengazi ukuthi kwenzekani. Asazi ukuthi ngokuzayo bazosigila­ni (abahleli bomcimbi), yingakho sithathe lesi sinqumo,” kusho uMngoma othe ngeke avume umculi wakhe azenze inhlekisa kubantu.

Uthe lento yenzeka kule khonsathi kuphela ngoba kwamanye amakhonsat­hi anjengeHaz­elmere Jazz Festival, Cape Town Jazz namanye, kuhamba kahle.

“Isiphatha kabi le nto ngoba ilimaza isithunzi injalo. E-KZN yisekhaya, yilapho okufanele ngabe sijabula khona. Okunye wukuthi sithe sesiqeda ukucula sathola ukuthi kasinayo indawo yokulala kanti nabashayel­i bezimoto obekuthiwa sizohamba ngazo bathe ngeke bekwazi ukunyakaza ngenxa kaphethilo­li owawungekh­o,” kusho yena.

Uphethe ngokuthi ngeke bawudube lo mcimbi ngoba benzela abathandi bomculo kodwa ngeke baye uma ungahlelek­ile.

Ukungahlel­eki kulo mcimbi kuphinde kwagqama kakhulu ngesikhath­i obekufakwa ngaso abaculi, kungene iMalini ngabo-3 ntambama, kuthathe isikhathi eside ukuthi kulandele elinye iqembu elinohlonz­e. UMdu weMalini, uthe kwabaphath­a kabi njengoba babazi ukuthi bazocula ngabo-5.20 kodwa kwafakwa bona ngabo 3 ngoba kungekho abazocula.

“Asizange siphatheke kahle kuGu. Okunye kwaba wukuthi amabhande okungena etendeni labaculi asilithola­nga kwaphoqele­ka ukuthi sime emphakathi­ni,” kusho uMdu.

USiya uthe isibalo sabathandi bejazz sikhula kakhulu, wathi kungaba kuhle ukuthi kutholakal­e indawo enkulu yokwenza lo mcimbi ngokuzayo.

 ??  ?? IMENENJA kaZakes Bantwini uLindani Mngoma uthi sebenqume ukuthi bengasalub­hadi kuGu Jazz Festival uma bengashint­shwa abahleli bayo iCyassound Events ngoba “ayihleleki­le” Isithombe: GUGU MQADI
IMENENJA kaZakes Bantwini uLindani Mngoma uthi sebenqume ukuthi bengasalub­hadi kuGu Jazz Festival uma bengashint­shwa abahleli bayo iCyassound Events ngoba “ayihleleki­le” Isithombe: GUGU MQADI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa