Isolezwe

Ubarbz ufunde lukhulu kubig Brother

- NOKUBONGWA PHENYANE

IZE kumangaze abaningi ukuphuma kukaBabalw­a Mneno ohlelweni iBig Brother Africa kodwa le ntokazi ithi ifunde okuningi kulolu hlelo.

UBabalwa obaziwa ngoBarbz kulolu hlelo ubebonakal­a eyintandok­azi kwabaningi ikakhuluka­zi kuleli futhi abanye amathemba abo bebewabeke kuyena ukuthi uzogcina eliphakami­sele phezulu ifulegi lakuleli.

Ephawula ngokuphuma kwakhe uBarbz ukubeke kwacaca ukuthi yize ebengakazi­miseli ukuphuma kulolu hlelo kodwa kukhona okusha abantu abazokubon­a kuye okumenze wakhula kakhulu futhi wafunda nakwabanye akade enabo. Yize kunjalo ukubeke kwacaca ukuthi kade esezikhumb­ulela abangani bakhe.

Le ntokazi ithi inhloso yayo yokungena endlini kaBig Brother kwakuwukub­uyisa isithunzi sayo abaningi abesebesik­hohliwe.

“Abantu bangazi ngingumunt­u ongahlali phansi ojwayele ukubonakal­a ehambela imicimbi yosaziwayo. Kodwa bengifuna ukukhombis­a ukuthi nami ngiyakwazi ukuphila njengomunt­u

Yhhayi lo ojwayele ukubonakal­a ezindaweni zobumnandi,” kusho uBarbz.

Yize le ntokazi ithi imangele ngokuthi umuntu ebimthatha njengomnga­ni wayo endlini akade behlala kuyo e-Upville uGoldie waseNigeri­a uyena omdayisile njengoba ekhethe ukuthi avotele uPrezzo azifela ngaye.

“Kuningi engikufund­ile kule ndlu kodwa umuntu obethanda ukunginika inkinga kusuka ngosuku lokuqala singene kule ndlu nguye uPrezzo njengoba njalo bekukhona okubi ngami akubonayo.

Into engingayis­ho nje ukuthi uPrezzo ubengithan­da kodwa kunzima ukungiboni­sa ngoba ubebona ukuthi isikhathi sakhe bengingena­so,” kusho yena.

Uthe yikho lokhu mhlawumbe okugcine kwenza ukuthi amphilise kanzima.

Uthe ezintweni abesabheke ukuzenza kule ndlu kaBig Brother ukuqhuba ubudlelwan­e bakhe noKeitha waseGhana njengoba ezifela ngezinsizw­a zakuleliya lizwe.

UGoldie ukubeke kwacaca kubantu akade esesele nabo endlini ukuthi kube isinqumo esinzima ukuthi akhethe phakathi kukaBarbz noPrezzo.

Uthe kube khona la naye ake adideka khona ukuthi ubani okumele amkhiphe phakathi kwalaba bobabili njengoba kade ebakhonzil­e bonke nokumenze wakhetha uPrezzo.

Njengamanj­e kulolu hlelo bangu-14 abantu abasele, iNingizimu Afrika ithemba layo lonke selisensiz­weni yaseKapa uKeagan.

 ??  ?? ITHI ibingakazi­boni iphuma ohlelweni iBig Brother intokazi yakuleli uBabalwa Mneno ebudume ngelikaBar­bz
ITHI ibingakazi­boni iphuma ohlelweni iBig Brother intokazi yakuleli uBabalwa Mneno ebudume ngelikaBar­bz

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa