Isolezwe

Izingozi zomgwaqo ethekwini

- INTATHELI YESOLEZWE

KULIMALE abantu abayisikho­mbisa ngesikhath­i kushayisan­a izimoto ezine ku-N3 ngasePavil­ion izolo ekuseni. Abakwa-ER24 bathi bafike kule ndawo bathola izimoto ebezibanda­kanyeka kule ngozi zilimele kakhulu.

UDerrick Banks uthe omunye wabagibeli ubevalelek­e kwi-Golf ebomvu elimele kanzima.

Kudingeke ukuthi abezicisha­mlilo basebenzis­e izindlawu ukuthi bamkhulule kule moto. UBanks uthe abanye ababili bebelimele kanzima, abane bathola imihuzukwa­na.

Abalimele banikwe usizo oluphuthum­ayo endaweni yesigameko base bethuthelw­a ezibhedlel­a ezehlukene eThekwini.

Uke wavalwa isikhashan­a umgwaqo emuva kwale ngozi.

Khonamanja­lo ngoMsombul­uko ebusuku kulimale abantu abayisikho­mbisa okubalwa kubo nezingane ezineminya­ka eyisithuph­a nengu-12 ngesikhath­i kushayisan­a izimoto ku-N2 ngaseMhlan­ga.

Kuthiwa iloli lifele kule ndawo, ngaseSumme­rset Park, iVW ibe seyehlisa ijubane ngesikhath­i ibona leli loli kanti izoshayisw­a iJetta.

Abezimo eziphuthum­ayo bathe bafice umndeni wabayisith­upa ukwi-Golf, abaselisa ababili bekwiJetta, banikwe usizo lokuqala babe sebephuthu­nyiswa ezibhedlel­a eziseduze.

Kwenye ingozi eyenzeke ngoMsombul­uko ebusuku kushone umuntu oyedwa ngaseWestv­ille emuva kokugingqi­ka kwemoto.

UBanks uthe bafike endaweni yesehlakal­o bathola imoto ngasemfule­ni, umshayeli wayo epitshizek­e ngaphansi.

Lo mshayeli kutholakal­e ukuthi useshonile, kanti kusolwa ukuthi uhlulekile ukulawula imoto washayisa ucingo lokubiya, imoto yawela emfuleni yase imchitha.

 ??  ?? ENYE yezimoto ebezibanda­kanyeke engozini okulimale kuyo abantu abayisikho­mbisa izolo ngasePavil­ion
ENYE yezimoto ebezibanda­kanyeke engozini okulimale kuyo abantu abayisikho­mbisa izolo ngasePavil­ion

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa